Now Reading
Bazonxeshezelwa ngezigidi ‘abahlukunyezwa’ uwoyela eNigeria
Dark Light

Bazonxeshezelwa ngezigidi ‘abahlukunyezwa’ uwoyela eNigeria

Abakwa-Shell bazibophezele ekuqaleni ukuhlanza le ndawo uma isivunyelwano sesiphothuliwe.Ngo-2009 le nkampani yavuma ukukhokha u-15.5 million wamadola aseMelika ukuqeda icala elafakwa enkantolo ngabahlali abangaphansi kwendawo yase-Ogoniland

 

Ngo-2009 le nkampani yavuma ukukhokha u-15.5 million wamadola aseMelika ukuqeda icala elafakwa enkantolo ngabahlali abangaphansi kwendawo yase-Ogoniland. INKAMPANI i-Royal Dutch Shell plc isivumile ukunxephezela izinkulungwane zabantu abahlala endaweni yaseBodo, eNigeria, umphakathi wakhona obe neshwa lokukapakelwa wuwoyela ongahluziwe kwi-Niger River Delta kuze kube kabili ngo-2008.

U-Shell uzokhokha lemali engu-55 million pounds ($83.3 million), okuhlanganisa isinxephezelo kumuntu ngamunye ovuma ukwamukela lo shwele. Le nkampani ezinze eHague iveze lokhu isitatimendeni esiphume ngoLwesithathu emini. Lesi sinqumo silandela icala eselidonse iminyaka emithathu phakathi kuka-Shell kanye nezakhamuzi zaseNigeria ezingu-15 600 ezivela e-Ogoniland iningi labo abangabadobi bezinhlanzi. Icala belibanjelwe enkantolo yase-London.

“Kwasekuqaleni asikaze sizehlukanise nalezi zehlakalo ezimbi zokuchitheka kukawoyela eBodo,” kusho uMutiu Sunmonu oyi-Managing Director yakwa-Shell eNigeria estitamendeni.

“Kudala sivele sifuna ukunxephezela umphakathi futhi siyajabula uma sikwazi ukufinyelela  esivumelwaneni ngemali.”

Le mali izohlukaniswa kabili – u-35 million pounds uzohlukaniselwa abantu kuthi u-20 million pounds  ungene ezinhlelweni zokuthuthukisa indawo.

Imizamo yokuqala yokuqeda ngalolu daba ayiphumelelanga ngenxa yezimali ezazifunwa ngabantu ezadlula u-300 million pounds.

Abakwa-Shell bazibophezele ekuqaleni ukuhlanza le ndawo uma isivunyelwano sesiphothuliwe.

See Also

Ukuchitheka kukawoyela akuyona into engajwayelekile eduze naseNigeria, okuyiyo ehamba phambili e-Afrika ekukhiqizeni uwoyela. Lokhu kuphilisa kabuhlungu laba abadoba kulezi zindawo kanye nabalimi bakhona. Ziningi izimbangela zokuchitheka okubalwa kukho ukunganakekelwa kahle kwemishini yokusebenza uwoyela kanye nezigameko zobugebengu ezishiya amapayipi ekhamisile.

U-Shell, okuyiwo ohamba phambili ekukhiqizeni uwoyela eNigeria, usabhekene nengwadla njengoba izakhamuzi zaseNigeria zithi bangcolisa umhlaba nomoya. Ngo-2009 le nkampani yavuma ukukhokha u-15.5 million wamadola aseMelika ukuqeda icala elafakwa enkantolo ngabahlali abangaphansi kwendawo yase-Ogoniland.

UMnuz Martyn Day, ongummeli womphakathi  ozonxeshezelwa, uthe labo abamele bavume le mali emuva kokuthi yena nethimba lakhe bahlangane nabangu-15 400 emuva kokuthi abakwa-Shell bebeke lesi samba etafuleni.

Yize ethokozile, uzwakalise ukungeneliseki  ngokuthi kuthathe iminyaka eyisithupha ukuthi inkampani u-Shell ibone izinga lomonakalo ewenzile.

Scroll To Top