Now Reading
Izigemegeme zaseZimbabwe zisho into eyodwa…
Dark Light

Izigemegeme zaseZimbabwe zisho into eyodwa…

Inkulumo yesiZulu ethi ukusuza kuhlola ukunya ibukeka iliqiniso ezweni laseZimbabwe

 

Into eqale nje kancane, manje isifike kuvuthondaba. Lolo udaba oluthinta loyo oliSekela Mengameli wezwe uNkk Joyce Mujuru kanye noMengameli uRobert Mugabe likhomba ukuthi umshini we-ZANUPF usuyagaya futhi.  Izinsolo zetulo lokusoconga uMengameli Mugabe aziqali futhi bonke labo abake banukwa ngalokho baba nesiphetho esifanayo. Bayaboshwa noma basuke ezinhlakeni zeqembu.

Abanye abake banukwa ngalokhu kubalwa uMnuz Lookout Masuku noMnuz Dumisani Dabengwa abanukwa ngeminyaka yawo-1982. La madoda ayesekhaleni lempi yomzabalazo nokwathi nxa leliya zwe selithola inkululeko kwaba nohulumeni ohlanganise i-ZANU le eholwa nguMnuz Mugabe kanye ne-ZAPU eyayiholwa nguMnuz Joshua Nkomo. Laba basolwa ngetulo emuva kokutholaka kwezibhamu epulazini lomunye wabo.  Nokho inkantolo yabakhipha phambili emuva kokunganeli kobufakazi.

Kwabe sekulandela uMfundisi Ndabaningi Sithole owayengomunye walabo ababumba i-ZANU. Umgcotshwa lo wanukwa ngokufanayo ngonyaka ka-1997 emuva kokubhuntsha kwemizamo yokuqhumisa ngamabhomu izimoto ezazihamba uMengameli Mugabe.  UMfundisi wagwetshwa iminyaka emibili nayichitha ngaphandle ngenxa yokugula.  Omunye kwaba nguMnuz Morgan Tsvangirai we-MDC owanukwa ukuthi usebenzisana nomashayabhuqe bakwa-Israel etulweni lukugudluza uMengameli.

See Also

Inkantolo yamkhipha phambili uMnuz Tsvangarai. Lokhu kwakabusha okuthinta uNkk Mujuru kusho into eyodwa kubantu abaningi abazi umlando waleliya zwe, ukuthi sekukhona abangasamuzwa kahle enhlanganweni yakhe nabangafuni athathe isikhundla nxa uMnuz Mugabe engasekho kuso noma emhlabeni.

Lokhu kufakazelwe uNkk Mujuru, ongumfelokazi kaJenene Solomon Mujuru owayengumkhuzi wempi empini yombangazwe kuleliya zwe. UJenene Mujuru wafa ngendlela esolisayo,  abanye abathi ukufa kwakhe kwakhandwa ngabathize kwi-ZANUPF. Akukho ukungabaza ukuthi lokhu okwenzeka kumkakhe kusho isiphetho esithize ngakwezepolitiki. Usazoqhubeka akhishwe inyumbazana uma engayiswanga emabhentshini.

Scroll To Top