Inhlangano yezakhamuzi inuka santungwana ngokwenzeka eSimangaliso Wetland
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Indawo eheha izivakashi eziphuma emazweni omhlaba esenyakatho yeKwaZulu-Natal, iSimangaliso Wetland kwaba ngeyokuqala kuleli ukuhlonzwa njengeyamagugu ngoZibandlela we-1999. Nokho inhlangano iWalker Foundation isiveze ukukhala ngabathile ethi bahlasela le ndawo bezenza abathandi bemvelo ekubeni beqhuba izinhloso zabo.
Le nhlangano ithe le ndawo kumele igcine ubudlelwano obuhle nabantu abayakhele kungagxambukeli abantu abahlala kude nayo.
UMqondisi weWalker Foundation uMnu uSimangaye Zulu, enaba ngalokhu kukhathazeka kwabo uthe: “Kunodaba lokuvulwa komlomo othela amanzi lawa asuke eqhamuka nomfula, angenela olwandle nalawo aphuma olwandle eSt Lucia. Kulolu daba sesiyabona ukuhlaselwa okuphuma kwabezindaba ngezindlela ezahlukene ukuthi kunososayensi abebelekelela phambili ngocwaningo abalwenza ekutheni kwafika isinqumo sokuthi akuke kuvalwe umlomo ukuze kulungiswe indawo.”
Uqhube wathi ubuholi obuqokiwe obusha buthe kunezinhlelo zokuthi kuvulwe umlomo ngoba iSimangaliso sibeka phambili ukuthi kuvikelwe imvelo bese kuthuthukiswa nabantu abasakhele. “Ukuthuthukiswa kwabantu nomkhakha wezokuvakasha besekuthikamezeke kakhulu. Abantu abakhele iSimangaliso bese bephazamiseke kakhulu ikakhulukazi labo abese beziphilisa ngokudoba, kwezokuvakasha bekukhinyabezeke nezindawo zokulala ngoba bese kushayeke umkhakha wezokuvakasha ngenxa yendlela ebekuyiyo kuvalwe umlomo wolwandle sekukhula umhlanga, okwenza ukuthi lokhu okuheha abantu kungabe kusaba ilokhu okwakubekelwe kona iSimangaliso,” kusho uZulu.
Ephendula ekutheni njengoba elaboHlanga lizwe ukuthi kunobudlelwano obuhle phakathi kweSimangaliso namalungu omphakathi, laba abakhuluma ngabo ngabe baqhamuka kuphi, uthe: “Abantu esibahloniphayo ngoba ososayensi kanye nabacwaningi, abebesebenza kahle neSimangaliso ngaphambilini. Manje inkinga ukuthi laba baphathi abakhona bathi babona kusalela emuva ukuthuthukiswa komphakathi obekuthikamezwe yilesi sinqumo sokuthi kuvalwe umlomo. Ibona asebekhuluma osekwenza sisole ukuthi kunezindlela bona ababencela ngazo njengongxiwankulu abangeke besakwazi ukuhlomula ngazo noma banenkinga bona nokuthuthukisa abantu. Abanye babo abahlali eduze kepha ucwaningo lwabo lubalulekile ekulekeleleni ezinqumweni ezithathwayo zeSimangaliso ukubhekana nokuvikelwa kwemvelo kepha kwasalela ukuthuthukiswa umphakathi. Bona (ososayensi) abantu ebesibahlonipha kodwa ukwenza kwabo njengamanje akusasiphethe kahle ngoba impilo yabantu nendlela yabo yokuphila akusekho ezingeni elifanele.”
Uqhube wathi: “Abantu abakhele le ndawo abasahlomuli nhlobo, sibambe imihlangano eminingi ekhulumisana nokuthi abantu sizobabuyisa kanjani ukuze bakwazi ukuhlomula ezinhlelweni zeSimangaliso.”
UZulu uveze ukuthi kwaba nemali eyakhishwa ebalelwa ema-40% yentuthuko edinga ukwenziwa nabacabanga ukuthi indlela abakhala ngayo ngokocwaningo ukuthi akusisona isinqumo esihle ukuvulwa komlomo. Bathi akungabi isona sizathu esenza ukuthi abantu bangakwazi ukuhlomula.
Uthe abantu abakwazi ukuvinjwa isayensi ngoba ziningi izinto okumele zibukwe ekuphilisaneni nobudlelwano obukhona phakathi kwabantu neSimangaliso.
Ephendula ukuthi ngabe lolu daba sebeluphakamisile yini kuzikhulu ezibhekelele le ndawo, uthe: “Kakhulu futhi nazo ngicabanga ukuthi sezizosibekela izinhlelo ezinazo. Ngoba sewubanjiwe nomhlangano ohlanganisa umphakathi lapho basho khona ukuthi bafuna ukuvikela ucingo olunqanda abantu, nokuthi izinga lokuvikela libe sesimweni esifanele. Baningi abaphumele obala bathi bazoba ngabanini bendawo ngoba bathi ubuholi obukhona njengamanje bunezinhlelo zokubafaka ekutheni ziqhubeke izinhlelo zomnotho kube kuvikelwa imvelo. Imiphakathi ethinta iSt Lucia, osomabhizinisi abayakhele, ekoMkunduse nakoHluhluwe eminye iziphilisa ngokudoba nokuvakashela iSimangaliso ithokozele imvelo.”

