Isililo kungqongqa inqolobane yomlando eBrazil


KUFANE nokubabulala bephila abantu baseBrazil ukushiswa kwenqolobane elondoloze amagugu eminyaka ezwe esesifundazweni iRio de Janeiro okuyiso esithathwa ngokuba nomlando ojulile waleli lizwe. Ubungafunga ukuthi kuphume izidumbu kulobu buhanguhangu bomlilo ngoMsombuluko ngendlela abantu bakhona abebekhihla isililo ngayo.
Abanye bebebonakala bezibhuquza phansi bekhalela ukushabalala kwamagugu esizwe njengoba le nqolobane ebizwa ngeNational Museum isineminyaka engama-200 ikhona. Ngesikhathi sokuloba lapha abaphenyi bebengena kancane kancane izikhawu kwazise ezinye izingxenye zalesi sakhiwo bezisasha.
Izazi zomlando zithi okwenzekile kungokokuqala ezweni eliseLatin America. Kusolwa ukuthi wonke umlando namagugu obekugcinwe lapha kucekeleke phansi. Onjiniyela bayaqhubeka nokwenza ucwaningo ngaphandle ukuhlola ukuthi abukho yini ubungozi bokuthi isakhiwo sidilike ngenxa yomonakalo odalwe umlilo.
Le ndawo yamagugu iyingxenye yeFederal University yaseRio de Janeiro. Okunye obekugcinwe kulesi sikhungo sezomlando imvelaphi yabantu baseBrazil nokuthathwa kwabo beyokwenziwa izigqila eMelika. Okukhalisa kakhulu abanye abantu balapha ngalo mlilo ukushabalala komlando obulondolozwe lapha webhola nemifanekiso yabadlali bakudala abasiza ukubeka leli lizwe ebalazweni lomhlaba ebholeni njengoPele.
UNgqongqoshe Wezamasiko kuleli lizwe uMnu uSérgio Leitão, utshele iphephandaba lalapha i-Estado de S Paulo ukuthi basola sengathi umlilo uqalwe izinto ezimbili okungaba ukuthintana kwezintambo zikagesi noma ibhaluni lokuzakhela elilayisha abantu okungenzeka ukuthi liwele phezu kophahla lwesakhiwo
Ababhikishi abangachithanga sikhathi bangena emgwaqeni emuva kwalesi sibhicongo, osopolitiki nosomlando bagxeke uHulumeni ngokungazinaki izikhungo ezinomlando njengalesi esikhundleni salokho kwesekwa iMidlalo yeNdebe Yomhlaba neyama-Olympic.
“Imali echithwa enkundleni eyodwa yezemidlalo ingxenye yayo ingenza umehluko ezikhungweni ezigcina umlando njengalesi esesicekelwe phansi umlilo,” kusho uLuiz Fernando Dias Duarte, onguMqondisi walesi sikhungo.
Uveze ukuthi abasebenzi bebenakho ukusola ukuthi kungaqubuka umlilo ngoba naye ubenza isiqiniseko sokuthi njalo uyacisha konke okusebenza ngogesi uma esehamba ntambama.