IChina ithi imigomo yayo izosebenza ohlotsheni olusha lwegciwane iCorona
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina kanye nezinye izinkampani ezakha imigomo yokhuvethe sebeqinisekise ngokuthi le mijovo yabo izokwazi ukuvikela abantu ukuthi bangatheleleki ngezinhlobo ezintsha zegciwane iCorona.
Izinkampani ezikhanda imigomo yokhuvethe eChina zithi ingakwazi ukuqinisekiswa ukuthi ivikela abantu emagciwaneni amasha nokuyinto engathatha isikhathi esingangezinyanga ezimbili, ngokubika kwenhlangano yabezindaba yombuso iXinhua.
Bakusho lokhu emveni kokuthi izinkampani ezenza imigomo yokhuvethe iModerna kanye nePfizer nazo zikhiphe izitatimende ezithi imijovo yazo iyasebenza kulolu hlobo oselukhona lwegciwane iCorona.
Sekuthanda ukwanda ukukhathazeka ngokuguquka kwegciwane iCorona, ikakhulukazi izinhlobo ezintsha zaleli gciwane ezitholakale eBritain kanye naseNingizimu Afrika. Sekunemibuzo ngokuthi ngabe imigomo ekhona izokwazi yini ukuvikela abantu kuzona.
Kukholakala ukuthi la magciwane amasha asabalala kalula kubantu, yize bungakabibikho ubufakazi obukhomba ukuthi agulisa ngokwedlulele ngokusho kososayensi.
Ososayensi baseChina bathi imigomo yabo iyakwazi ukusiza amasosha omzimba akwazi ukulwa nezinhlobo ezintsha zegciwane iCorona, yize amandla okusebenza kwawo ezothi ukwehla kancane.
Ngaphandle kwaseChina, ayishumi nanye amanye amazwe asebenzisa imigomo eyenziwe yizinkampani zaseChina iSinovac Biotech kanye neSinopharm. Nokho akhona amanye amazwe asentshonalanga ayingabazayo imigomo yaseChina.
ISinovac ithe izinga lokusebenza komgomo wayo kube ngama-91% khathi ihlolwa eTurkey. Ithi eBrazil ucwaningo luveze ukuthi umgomo uvikela izimo ezimbi ngokugcwele, kuthi ezimweni ezingekho nzima ukusebenza kwayo kube ama-78%, kanti izinga lokusebenza kwawo umgomo jikelele kube ngama-50%.
“Kujwayelekile ukuthi kube nemiphumela ehlukene emazweni ahlukene, kanti futhi ucwaningo luchaphazelwe izinto ezehlukene,” kuchaza uSihlalo weSinovac uYin Weidong.
Ngokwezibalo zakamumva zikaHulumeni, balinganiselwa ezigidini ezili-15 abantu asebeyitholile imijovo yokugoma eChina.
UHulumeni uhlonze izaguga, izisebenzi zezempilo, abantu abasebenza ezindaweni ezinabantu abaningi njengasezindaweni zokuthutha umphakathi, ezindaweni ezokugcina inyama, phakathi kwabanye.
UXie Hao ongumpheki enhlanganweni yezikusakaza engaphansi kukaHulumeni, uyingxenye yabantu abahlonzwe njengabantu abasengozini yokuthola iCoronavirus nabangabokuqala ukuthola imijovo.
“Ngiwutholile umjovo wokuqala, manje sengilindele ukubuyela emva kwezinsuku eziyishumi nane ngiyothola owesibili. Uma ngilinda kudlule izinsuku ezingamashumi amabili nanye ngingawutholi owesibili angeke usasebenza kwayilo wokuqala engiwutholile,” kuchaza uXie.
Uthi wakuzwa ukugula okuncane nobuhlungu lapho ajove khona kodwa kwasheshe kwedlula. Baningi abantu abatheleke ezindaweni ezikhethekile zokugomela ukhuvethe kula masonto edlule.
USihlalo weChina National Biotec Group eyingxenye yeSinopharm, uYang Xiaoming, utshele iXinhua ukuthi abantu abathole imijovo babike ubuhlungu obuncane lapho bejove khona, ikhanda, ubuhlungu bemisipha kanye nemfiva.
Ngokusho kweWorld Health Organization (WHO), isimihlanu imigomo esisetshenziswa ukuvikela abantu okhuvetheni: emibili eyaseChina, emibili yenziwe e-USA kanye naseBritain.