Abayi nganxanye bengemanzi ngocwaningo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
EMUVA kokuphuma komphumela wocwaningo olwenziwe inkampani ezimele yocwaningo i-Association for Free Research and International Cooperation (Afric) ebibheka isimo samaqembu ezepolitiki eNingizimu Afrika nokwesekwa kwawo ngesikhathi sokhetho kube kukhulu ukuphawula kubalandeli ezinkundleni zokuxhumana nasemphakathini.
Kujwayelekile ukuthi uma sekusondela ukhetho izinkampani ezenza ucwaningo ziphume umkhankaso wokuthola uvo lomphakathi ngesimo sokwesekwa kwamaqembu. Umphumela wocwaningo noma ungayihlabi esikhonkosini, kodwa uyawalekelela amaqembu ngokuthola isithombe ngokuthi abantu bacabangani ngawo.
Ucwaningo lwe-Afric lwenziwe ezifundazweni zonke zakuleli. Umphumela wocwaningo uveze ukuthi abantu basazoqhubeka nokuvotela iqembu elibusayo i-ANC kuzona zonke izifundazwe kodwa ukwesekwa kwayo kuzoba ngaphansi kwama-60%. Ngokusho koMqondisi wenkampani yocwaningo uMnu uMikael Cheuwa ucwaningo beluhlukaniswe izigaba ezimbili. Olokuqala lwenziwe ngoMfumfu zili-11 kuya zingama-20 kowezi-2018.
Olwesibili lwenziwe phakathi kwama-29 kuMasingana nomhla zili-8 kuNhlolanja wezi-2019. Umlandeli we-ANC uMnu uPhelelani Zulu wakwaFelekisi uthi ucwaningo luhle ngoba luvusa eqandeni abaholi bamaqembu ngisho namalungu uqobo ngoba luveza imizwa yabantu. UZulu uthi eminyakeni edlule ucwaningo ngamaqembu ezepolitiki beluyishaya emhlolweni njengoba ethi kolunye ucwaningo abantu basho ukuthi bazovotela iDA nebala kumanje iyiqembu elikhulu kwaphikisayo.
UMnu uJoseph Kasimeng waseTshawelo uthi akakholelwa kumphumela wocwaningo ngoba kukhulunywa nesibalo esincane sabantu futhi ubona nalabo abasuke belwenza benezinhloso ezithile. “Angiyeseki i-ANC kodwa njalo uma kunocwaningo kuhlale kukhulunywa ngokwehla kokwesekwa kwayo kodwa ekugcineni kungabi khona ngisho nelilodwa iqembu elisondela kuyo”. UMnu uZipho Dlamini uthi umphumela wocwaningo uwukholwa uma ucwaningo luveza kahle izibalo nokuhlukana kwabantu ngokobuzwe nobulili nezigaba zeminyaka kukhombise ukuthi bekukhulunywa nabantu abaphilayo. Uthi uyilungu lokuqina le-IFP kodwa ucwaningo luhlale lungayiniki lutho kujike kube yiyona engcono. “Ngesikhathi kusungulwa iNational Freedom Party (NFP) ngowezi-2011 lonke ucwaningo olwalwenziwa lwaluveza iNkatha njengeqembu osekuphelile ngalo, kodwa okwenzeka ukuthi ngesikhathi sekuvotwa bonke labo okwakukhulunywa nabo kucwaningo nabagcwele ezinkundleni zemidlalo nemibala yeNFP, abazange bayivotele kodwa bavotela i-IFP,” kusho uDlamini. Uthi ubufakazi balokho ukuthi ucwaningo njengamanje aluyibeki ndawo iNFP. Ephawula uCheuwa uthe ucwaningo olwenziwa ngowezi-2018 kwakhulunywa nabantu abayizi-2 249, kanti kwelangalonyaka kukhulunywe nabayi-1 501.
“Kubantu esikhulume nabo besifuna ukwazi ukuthi bangaki abasenentshisekelo yokuvota. Kunabantu abangama-75% ababhalisele ukuvota abathi kumnyama kubomvu bazovota kulolu khetho. Bali-14.1% kuphela abathi angeke bavote,” kusho uCheuwa. Kulolu cwaningo abantu babuye babuzwa ngokuthi bawabona kanjani amaqembu ezepolitiki ikakhulukazi amathathu amakhulu okuyi- ANC, DA ne-EFF. “Umphumela kule ngxenye yocwaningo uveze ukuthi bangama-59% abantu abasakholelwa eqenjini elibusayo i-ANC, endaweni yesibili kukhona i-EFF ngama-34.6% yabantu abakholelwa kuyo endaweni yesithathu kube yiDA ngamaphesenti angama-28 ngokuthandwa abantu”. Abantu abangama-58.1% bathe bazovotela i-ANC, abali-16.7% baveza ukuthi bazovotela i-EFF kanti abali-9.8% bathi alikho elinye iqembu abazolivotela ngaphandle kweDA. Ukhetho luzobanjwa zili-8 kuNhlaba, kodwa luzomenyezelwa ngokusemthethweni uma selufakwe kuSomqulu kaHulumeni.