Now Reading
Kugxekiwe ukuvukelwa kombuso ngamasosha eGuinea
Dark Light

Kugxekiwe ukuvukelwa kombuso ngamasosha eGuinea

Anathi Mtaka

kOkungenani abantu ababili balimalile ngesikhathi kuqhuma isibhamu  eduze kwezindlu zikamengameli enhlokodolobha yaseGuinea iConakry ngeSonto ekuseni, ngenkathi izimoto zamasosha zizulazula emigwaqweni, kusho ofakazi namavidiyo abiwe ezinkundleni zokuxhumana.

Akukacaci ukuthi ngobani ababedubulana. Isikhulu esiphezulu kuhulumeni sithe uMengameli u-Alpha Conde oneminyaka engama-83 akalimalanga kodwa akazange anikeze eminye imininingwane.

Umthombo wamasosha uthe ukuqhuma kwesibhamu kwenziwe amalungu athukuthele ombutho akhethekile(special forces),. Umthombo awuzange usho ukuthi yini edale ulaka. Omunye umthombo wamasosha uthe ibhuloho okuyilona kuphela elixhumanisa lelizwe nendawo yaseKaloum,  lapho kutholakala imizi yezikhulu ezinningi njengoNgqongqoshe kanye noMengameli wezwe kanti amasosha amaningi, amanye ebephethe izikhali, abekiwe azungeze lendlu kaMengameli.

UConde wawina ihlandla lesithathu okunempikiswano ekhona mayelana nalo ngoMfumfu ngemuva kokushintsha umthethosisekelo ukumvumela ukuthi abuye azimele yize kunemibhikisho enodlame evela emaqenjini aphikisayo, nokuveza ukukhathazeka ngokuhlehla emuva esifundeni esike saba nokuvukela umbuso eMali naseChad ezinyangeni ezedlule.

“UMengameli u-Alpha Conde wenza kahle kakhulu… isimo siyalawuleka,” kusho umlingani kamengameli kwividiyo eyabiwe kuWhatsapp. IGuinea ibone ukukhula komnotho okuqhubekayo phakathi neminyaka eyishumi yaConde esemandleni ngenxa ye-bauxite yayo, insimbi ( iron ore), igolide, kanye nengcebo yedayimane, kodwa zimbalwa izakhamizi zayo ezizibonile izinzuzo. Abagxeki bathi uhulumeni usebenzise imithetho evimba ubugebengu ukudikibalisa ukungavumelani, kuyilapho ukwahlukana kwezinhlanga kanye nokuxhunywa kwabantu kule ndawo kucije ukubangisana kwezepolitiki.

See Also

Amasosha abe nombhikisho enhlokodolobha yaseGuinea ngeSonto athe kumabonakude wombuso athi asewuhlakazile uhulumeni walesizwe esiseNtshonalanga Afrika kanye nomthethosisekelo futhi avale yonke imingcele yomhlaba neyezindiza. Kodwa-ke, umnyango wezokuvikela uthe ukuhlaselwa emzini kamengameli eConakry kunqotshiwe.

Umfelandawonye we-African Union (AU) ukugxekile ngeSonto ukuthatha umbuso kwezempi eGuinea futhi wafuna ukuthi uMengameli u-Alpha Conde akhululwe ngokushesha. Isitatimende esenziwe ngusihlalo we-AU nonguMengameli weDemocratic Republic of Congo uMnuz Felix Tshisekedi nenhloko yeKhomishini ye-AU uMoussa Faki Mahamat sinxuse uMkhandlu Wokuthula Nokuphepha ukuba uhlangane ngokuphuthumayo ukuze uhlole isimo futhi uthathe izinyathelo ezifanele.

Scroll To Top