Now Reading
Inkulumo kaMantashe isakhombisa impakamo ye-ANC: UMhlaziyi
Dark Light

Inkulumo kaMantashe isakhombisa impakamo ye-ANC: UMhlaziyi

Inkulumo kaSihlalo we-African National Congress uMnu uGwede Mantashe ibe ubufakazi balokho okukhonjiswe ngabantu evotini ngendlela ababuka ngayo le nhlangano.

Emuva kwezibalo eziveze ukuthi i-ANC isiphunyukwe yiKwaZulu-Natal, uMantashe uthe abantu bakulesiya sifundazwe abavote ngobuhlanga. Le nkulumo ibingaqali ngaye noMengameli Wophiko Lwentsha kuleli qembu uCollen Maladji wathi abantu baKwaZulu-Natal bavota ngobuhlanga. Ngesikhathi sezidubedube ngowezi-2021 uMengameli uCyril Ramaphosa ekhuluma KwaZulu-Natal wathi kunenhlese yobuhlanga.

UMhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi iFree State uSolwazi uSetselago Matebese uthe akukhona ukuthi uMantashe ugeje umgodi, kodwa le ndlela yokukhuluma iyona esibusa i-ANC. Indlela abantu abaphendule ngayo evotini bekumele engabe ibe yisifundo ku-ANC iguqule ukukhuluma. “Uma abantu besebenzisa ilungelo labo ledemokhrasi ngokukhombisa ukuthi isibame emphinjeni i-ANC sekuwubuhlanga. Le nkulumo iyinhlamba kubavoti baseNingizimu Afrika ingasaphathwa eyabaKwaZulu-Natal eqondiswe ngqo kubo,”

See Also

USolwazi uthe lesi bekuyisikhathi sokuba i-ANC izehlise ibuyele kubantu. Uveze ukuthi leli qembu lizothwala kanzima esinqumweni sokuthi imaphi amaqembu azosebenzisana nawo ekwakheni uhulumeni kuzwelonke nasezifundweni. IMK ibe iqembu lokuqala ukuphumela obala ngokuthi angeke lisebenzisane ne-ANC. USolwazi uMatebese uthe i-ANC kumele izinuke amakhwapha ngokulaxazwa ngabantu nangezinkulumo ezihlakaza abantu eziqhamuka kumholi omdala onjengoMantashe.

Scroll To Top