Now Reading
Yize begcine beholile abeGalaxy, izikhalo azikapheli
Dark Light

Yize begcine beholile abeGalaxy, izikhalo azikapheli

Bagcine beyitholile imali yabo abasebenzi nabadlali beTS Galaxy Football Club abebekweletwa imiholo yezinyanga ezimbili.

ElaboHlanga lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi usihlalo weRockets, uTim Sukazi ugcine ebakhokhele abasebenzi nabadlali.

Izinkinga zemali kuGalaxy ziqale ngesikhathi ithatha uhambo olubheke phesheya kwezilwandle kwelaseTurkey.

“Abasebenzi bathukile ngoLwesibili ekuseni bevuka ngemiqhafazo yokuthi isingenile imiholo yabo. Bebengalindele. Bese bebheke ukuphela kwenyanga,” kuchaza umthombo.

Ngempelasonto edlule iGalaxy ithelwe ngehlazo lika 6-3 kuNedbank Cup lapho iwashiswe khona ijezi.

Kulapho-ke okucacele khona ngisho ingane encane ukuthi abadlali abaneme kuleli qembu.

“Nokho noma beyitholile kodwa bathole umholo wenyanga eyodwa. Abasebenzi nabadlali basale sebethokozela lokho ngoba bese bethwele kanzima. Bebehlalelwe yijoka lokuya emsebenzini ekubeni bengaholile. Abanye bebethwala kanzima ngisho ukufaka uphethiloli wokuya ejimini,” kuqhuba umthombo.

Emasontweni amabili adlule elaboHlanga libike ngomhlangano wabasebenzi obushube ngendlela eyisimanga.

See Also

Abadlali nabasebenzi bebenengekile ngokungayitholi imiholo yabo. Bebekhala ngoSukazi ukuthi akasatholakali ezingcingweni futhi akasalubhadi ejimini ukuzobanika izincazelo ngesizathu sokungaholi.

“Akucaci ukuthi bazoyithola nini eyale nyanga eyodwa iqembu elisabakweleta yona. Nabasebenzi ababili abakhonjwe indlela besolwa ngokuputshuza udaba lwamaholi emphakathini nakwabezindaba nabo bayitholile imiholo yabo. Nabo bakweletwa imiholo yezinyanga ezimbili.” kusho umthombo.

IGalaxy isasembangweni wamaqembu avika izembe kuDStv Premiership. “USukazi ubone kahle ukuthi le ndaba yokungaholelwa kwabanye abadlali nabasebenzi ingase ibe nomthelela omubi njengoba iqembu lingakaphumi ezembeni. Wenze konke okusemandleni ngemuva kokushaywa ngo 6-3 ukuthi uyayithola imali yokuholela abasebenzi bakhe. Kwehle umthwalo kulabasebenzi.” kulandisa lo mthombo.

Scroll To Top