Now Reading
Kuzoba inkinga ukutheleka kwamasosha angaphandle eHaiti
Dark Light

Kuzoba inkinga ukutheleka kwamasosha angaphandle eHaiti

Isikhathi esidlule esinenkinga sokungenelela kwamasosha angaphandle senze abaningi baseHaiti bakhathazeka noma banobutha bokubiza ukuthi i-USA  noma amanye amabutho aphesheya athunyelwe kulesi sizwe saseCaribbean ngemuva kokubulawa ngesonto eledlule kukaMengameli uJovenal Moise. UNdunankulu osabambile uClaude Joseph ucele amasosha avela e-United States nawe-United Nations, abebebuyekeza izicelo njengoba izwe laseCaribbean lalingene shi ezinxushunxushwini kulandela ukubulawa kukaMoise.

UJoseph wabeka lo mqondo njengendlela yokuvikela ingqalasizinda esemqoka njengesikhumulo sezindiza senhlokodolobha kanye nechweba elikhulu lolwandle. Kodwa-ke, lo mbono uhlangabezane nokuphikisana ngamaqembu aphikisayo, kanye namasosha asethathe umhlalaphansi ezweni kanye nezakhamizi ezijwayelekile. “Asifuni ukuthi amanye amazwe athwale  umthwalo kaHulumeni,” kusho uJose Maslin, oneminyaka engama-55, olungisa amathelevishini nemisakazo ukuze aziphilise, emi ngaphansi komgwaqo omkhulu onguthelawayeka osentshonalanga yedolobha iDelmas.

NgoLwesibili, iHaitian Military Association, emele amaphoyisa aseyathatha umhlalaphansi, inxuse umphakathi waseHaiti ukuba uvikele iHaiti “ehlazweni” lokungenelela kwamanye amazwe. Le nhlangano ikugxeke kakhulu lokhu ekuchaza njengokuntuleka kohlelo “lokushisekela izwe” olwenziwe nguHulumeni obambile, abelusola ngokukhetha “ukuphuthuma kalula isicelo sokungenelela ezweni ,” ngokusho kwesitatimende.

Elinye iqembu, elimele izinhlangano zomphakathi, lifune isisombululo “esiholwa yiHaiti” enkingeni yezwe. Imibono enjalo ingalandelwa emlandweni omude wezinyathelo zamasosha angaphandle eHaiti, kufaka phakathi nokuhlala kowe-1915 yi-USA okwaqhubeka iminyaka engama-20, kanye nokuthunyelwa kwamasosha e-UN nawase-USA kamuva nje ngemuva kwesiphithiphithi sezepolitiki nezinhlekelele zemvelo.

IWhite House ngoMsombuluko ithe ayikunqabelanga ukuthi kungenzeka ukuthi kube khona amasosha, yize izikhulu zase-USA zithe iPentagon ayisiboni isidingo sokuphaka. IWashington yathumela iqembu elincane labasebenzi abangaphansi kweshumi nambili ukuyoqinisa ezokuphepha enxusa lase-USA ePort-au-Prince ngemuva kwalokhu kuhlasela kubulawe umengameli walelizwe . Ukubandakanyeka komphakathi wamazwe omhlaba kusongela ukuqinisa isimo esintekenteke saseHaiti, kusho uJake Johnston we-Centre-Economic and Policy Research (CEPR) ezinze e-US. “Isikhathi eside kakhulu, abalingisi baphesheya bebefuna ukufaka izixazululo ezivela phesheya,” kusho uJohnston.”

Lezo zingenelelo zinomthwalo obalulekile ngesimo esikhona eHaiti kanye nokucekela phansi umbuso wentando yeningi waseHaiti.” U-Alex Dupuy, isazi sezokuhlalisana kwabantu (Sociologist) saseHaiti eWesleyan University eConnecticut, uthe, “Ukungenelela kwamanye amazwe akusona isixazululo, isixazululo uhlelo lokuphendula kukaHulumeni kodwa futhi namathuba amakhulu ezomnotho nokwakhiwa komnotho ongcono.”

See Also

Imigwaqo yenhlokodolobha ibizolile ngoLwesibili, yize bekukhona nemibhikisho yomholi weqembu lezigelekeqe. Amaqembu ezigelekeqe aqhubeka ephethe izingxenye ezithile zedolobha, kuhlanganisa nemizila ebalulekile yokuhambisa uphethiloli. Kwashiswa amathayi ezindaweni okwakuvinjwe kuzo okwesikhashana, kufaka phakathi naphambi koMnyango Wezobulungiswa lapho abashushisi babebuza khona ofakazi bokubulawa kukamengameli  noma abanye abangaba nemininingwane ngaleli tulo kubalwa nabaphezulu abaphikisayo.

Enethemba lokuthengisa izingubo ezimibalabala ezendlalwe ngoseyili wepulasitiki ekhoneni lomgwaqo eliphithizelayo, uJudith Volcy oneminyaka engama-39 uthe amasosha aphesheya ngeke akwazi ukuxazulula izinkinga ezijulile zaseHaiti. “Bheka, umnotho waseHaiti usesimeni esesabekayo. Konke kubiza kakhulu. Abantu abaningi bavele baye emaphandleni, noma labo abanemali, baye kwamanye amazwe,” kusho yena.

Scroll To Top