Kufanele kuthungathwe ikhono konozinti abancane – uMweene



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abalandeli bamaqembu aseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, babona la maqembu ezoyifaka inselelo kompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns kodwa lokho akumkhathazi unozinti uKennedy Mweene.
UMweene uxwayise ngokuthi iSundowns iyohlale ihamba phambili ezimbangini zayo njengoba isenza ngendlela ehlukile amasizini onke.
AmaBrazillians kumasizini edlule enza ezibukwayo njengoba enqobe izicoco zeligi ezinhlanu kulandelana, iNedbank Cup kanye nomqhudelwano weMTN 8.
IChiefs isayinise uDillon Solomons, uKamohelo Mahlatsi noLehlogonolo Matlou abasuka kwiSwallows FC, uSiyethemba Sithebe obekuMazulu FC, u-Ashley du Preez noZitha Kwinika abasuka kwiStellenbosch noYusuf Mart yena obeyibamba kwiSekhukhune United.
EziMnyama zona zisayinise uBienvenu Eva Nga no-Azole Matrose abasuka kwiChippa United, uMiguel Timm obekwiMarumo Gallants, uNkosinathi Sibisi obekwiLamontville Golden Arrows , u-Evidence Makgopa osuka kwiBaroka FC noTapelo Xoki obekuMazulu FC. Ziphinde zaqasha umqeqeshi omusha uJose Riveiro oqhamuka eSpain. “Wonke lawa maqembu owabalile abeqinile ngaso sonke isikhathi. Ngicabanga ukuthi yithina njengeSundowns esenza izinto ngendlela ehlukile njalo ngesizini,” kusho uMweene ekhuluma nezintatheli ngesikhathi kwethulwa iPrince Mangosuthu Legacy Cup eThekwini ngoLwesithathu.
KuPrince Mangosuthu Legacy Cup kukhona iSundowns, AmaZulu FC, iRichards Bay FC engomakoti kuDStv Premiership neqembu elakhiwe abadlali abaqhamuka esifundeni saseZululand elibizwa ngeZululand X1. Lo mqhudelwano uzokuba mhla zingama-23 kwephezulu.
“Bekubukeka sengathi bekulula. Yindlela esihlela ngayo isizini yethu. Bona (Chiefs nePirates) bahlezi besiphonsela inselelo njalo amasizini futhi sihlezi silwela ukuthuthukisa indlela esidlala ngayo njengeSundowns. Asifuni ukuba yiqembu ebesililo ngesizini edlule. Kulokhu siza ngokuhluke kakhulu,” kusho uMweene.
Lo mdlali odabuka eZambia uthembise iSundowns, ephinde yabhuquza kuCAF Champions League, izofuna ukwenza kangcono kunamaQuarter Final ephume kuwona ngesizini edlule. “Siyazi esikwenzile kuChampions League akuyona into ebesiyifuna, kodwa kulokhu sifuna ukwenza kangcono,” kubeka uMweene.
Njengoba sekusele inyanga ukuthi kuqale isizini entsha, lo mdlali oneminyaka engama-37 ubudala uthe basenendlala efanayo nomkhankaso wokugcina wokunqoba yonke into, kodwa okubalulekile wukuya kude kuChampions League. “Sidumele ngokuthi asizange siye kude neChampions League. Kodwa ukuze sibe kuChampions League njalo ngesizini, kumele siwine iligi yasekhaya. Ngakho-ke kithina, kubaluleke kakhulu ukuthi siqale kuDStv Premiership. Ngoba lokho kusivumela ukuthi siye emqhudelwaneni wase-Afrika,” kubeka uMweene.
Uphinde wabalula ukuthi lapha eNingizimu Afrika kumele kuthungathwe ithalente konozinti abancane ukuze kuzophela le nto yokuthi kubuse onozinti bangaphandle.