I-EFF
by Bayede News
April 25, 2024
Isikhongeli seqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF) esethulwe mhla zingama-10 kuNhlolanja wezi-2024.
Izibonelelo nenqubomgomo yenhlalo
- Ukuphinda kabili zonke izibonelelo.
- Impesheni yabadala ibe yizi-R4,180 ngenyanga; omakadebona bezempi kube yizi-R4,220; eyabakhubazekile kube yizi-R4,180; abanakekeli kube yizi-R4,180; ingane enikezwe umzali kube yizi-R2,260; yisibonelelo esisizayo i-R1,020.
- Isikhongeli asiqaguli ingeniso mali elinqala kodwa sethula isulamlomo eliyizi-R5,000 ngenyanga kwaba neziqu zemfundo.
Ukuguquguquka kwesimokade sezulu kanye nendawo
- I-EFF ayihambisani nokususwa kwezizinda zokuphehla ugesi, zamalahle noma nemigomo yokunciphisa isikhutha.
- Ihambisana nokusetshenziswa kabusha kwemfucuza yendawo, inqubomgomo enhle yokugcwalisa izindawo ngemfucuza, futhi izolokhu yengeza kancane kancane intela yesikhutha.
Ubugebengu nenkohlakalo
- Ngowezi-2027 kube sekuqeqeshwe kabusha amaphoyisa futhi kwaqashwa ayizi-100,000 ngaphezulu.
- Iphoyisa elitholakale linecala lobugebengu obukhulu lithole isigwebo seminyaka engengaphansi kwengama-25.
- Ukuvikelwa kwezingede.
- Izinkantolo zobulungiswa kwezomnotho zalabo abahlukunyezwa futhi baxhashazwe yizinkampani ngokungemthetho.
- Ukuxolela zonke izishabasheki ze-Fees Must Fall nezezepolitiki.
- UHulumeni ongenankohlakalo.
Umnotho
- Ukukhuluma kwesikhongeli se-EFF kuqukethwe emshweni othi: “Umnotho eNingizimu Afrika uyaqhubeka namhlanje nokuba sezandleni futhi ulawulwe yidlanzana labelungu abayizifikanamthwalo”.
- Okusemqoka ukuguqula izimayini, amabhange nezinye izingxenye ezibalulekile kube okomuntu wonke ngaphandle kwesinxephezelo.
- Ukungakhokhisi intela ezinkampanini ezakha imisebenzi engaphezu kwezi-2,000 kuzo zonke izindawo ezikhathekile ezibekelwe ezomnotho ezingama-30 nakuyo yonke iNorthern Cape.
- Ukwehlisa nokuhlelemba izindleko zedatha.
- Ukusungula izinkampani zombuso ezingxenyeni ezibalulekile.
- Ukusungula isikhwama somcebo wezwe, ngokusebenzisa imali yabatshalizimali bangaphandle.
Imfundo
- Imfundo yamahhala engenabukoloni.
- Ukubeka eqhulwini izindlela zomdabu zokufunda nokufundisa.
- Ukugxila ekufundeni ngezindlela zobuchwepheshe .
- Ukuqeda ukuhlolwa ngokwe-IEB.
- Imifundaze eyizi-10,000 ngonyaka yamanyuvesi omhlaba aphambili.
- Onke amanyuvesi abe esefundisa isiShwahili ngowezi-2027.
- Isibonelelo sesigidi samarandi (R1 000 000) kuwo wonke umfundi woHlanga owenza iPhD.
Umunxa wezezimali
- IBhangengodla kube elombuso.
- Kusungulwe amabhange alawulwa umbuso kubandakanya ibhange lombuso lapho zonke izibonelelo nezimpesheni kuzokhokhwa khona.
- Ukufaka ejele zonke iZikhulu Eziphezulu zamabhange eziqagulwe yiKhomoshini Yokuncintisana ezibambe iqhaza ekulumbeni inani lerandi.
- Ukusungula inkampani yomshwalense elawulwa ngumbuso ezosetshenziswa izisebenzi zikaHulumeni.
- Izikhwama zezimpesheni okungesizo ezombuso ama-80% azo alawulwe izinkampani zaboHlanga.
Ukudla
- Ukuqinisekisa ukuthi ukudla kukhiqizwa ezweni aluthekelwa emazweni.
Ukubusa
- Ukuqeda izifundazwe bese kuqiniswa koHulumeni Bendawo.
- Ukunciphisa amandla kaMengameli bese kwandiswa awePhalamende.
- Ukwakha kabusha imigwaqo nokuvuselela amabhuloho, ukuqeda imigodi emigwaqweni ngowezi-2028.
- Ukwengeza ngezizinda zokuhlanza amanzi ezimbili esifundazweni ngasinye.
- Ukuqeda izindlu zangasese zemigodi futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda yezemfundo.
Inqubomgomo yezamazwe
- Ukugxila e-Afrika ngokutshala imali minyaka yonke eyizigidigidi ezili-R187 ukukhulusa umnotho we-Afrika.
- Ukuqalaza emazweni aphila ngokwesosheyalizimu kubandakanya iVenezuela neCuba.
Ezempilo
See Also
- Unakekelo lwezemimpilo kuwo wonke umuntu olumahhala.
- Sonke isifunda sibe nesibhedlela esisodwa esikhethekile.
Izindlu
- Ukuhlinzeka izindlu ezivulekile zeqophelo eliphezulu kuwo wonke umuntu.
- Ukulawula irenti.
- Ukuvimbela amabhange ukuba adle izindlu uma sekukhokhwe ama-50% nangaphezulu esikweletu.
Imisebenzi
- Inkokhelo encane eyizi-R6,000 ngenyanga ibe ngaphezulu encane eminxeni ethile ebalulwayo.
- Umnotho okhiqizwa usuku lonke kube nohlelo lwamashifti amathathu.
Umhlaba
- Umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxephezelo.
- Wonke umhlaba kube ngowombuso.
- Kungabi bikho umhlaba wabantu bokufika.
- Kudluliselwe ama-50% omhlaba kwaboHlanga ingakapheli iminyaka emihlanu.
Amandla
- Ukulungisa izimoto ezizindeni eziphehla ugesi.
- Ukuyekisa ukususa iziphehlimandla zamalahle.
- Ukugxila ekubambeni isikhutha, amalahle angenabungozi kanye namandla enuzi, njengoba kwenzeka eRussia.
- Ukukhuthaza ukubhekwa kwegesi eqhuma edwaleni.
- Ukutshela u-Eskom ukuba wakhe uphiko lokukhiqiza amandla kagesi ngemithombo engashi.
- Imizi entulayo ithole ugesi wamahhala ongama-200kW ngenyanga.
Ezezifiki
- Bonke abangena ezweni ukuba babhaliswe eMnyangweni Wezasekhaya.
- Ngale kwalokho kube nokuvuleleka kokuhamba kuyo yonke i-Afrika.
Ukusizakala komphakathi
- Ukugxila ekutholeni izinsizakala ngaphakathi kuHulumeni.
- Ukusebenzisa ngokufanelekile izibonelelo ezinikezwa omasipala.