I-ATM
by Bayede News
April 25, 2024
Isikhongeli seqembu eliphikisayo i-African Transformation Movement (ATM) esethulwe mhla zingama-28 kuNdasa wezi-2024.
Ukuthula, ubulungiswa, ukuphepha nokuvikeleka
- Ukufundisa nokuhlomisa imiphakathi ngesiko lokuthobela umthetho.
- Ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa aqeqeshwe ngokwanele futhi anikezwe izinsiza ezifanelekile ukubhekana nobugebengu obuhleliwe.
- Ukunciphisa izigameko zobugebengu obuqondiswe kwabesifazane nasezinganeni.
- Ukuvuselela ngokuphelele iziboshwa ngokuba nemihlangano yokubonisana nezinhlelo zokuqwashisa.
- Ukuthuthukisa ukuhlinzeka izinsizakalo emazingeni endawo ukugwema imibhikisho yezinsizakalo zendawo.
- Ukusimamisa ukufuduka ukuqinisekisa imingcele ukuthi ivikelekile futhi zonke izifikanamthwalo zingena ngokusemthethweni ezweni.
Ukukhula komnotho okusimeme okwakha imisebenzi
- Ukusebenzisa amandla omhlaba aguqukayo emazweni asathuthuka ngokwenza iNingizimu Afrika ibe nomthelela esifundeni nasemhlabeni eminyakeni engama-20 kuya kwengama-30 ezayo.
- Ukukhulisa labo ababencishwe amathuba ngenxa yobulili, inkolo, ubuzwe, ibala, nokunye okudodobalisayo.
- Ukubeka eqhulwini ukukhula komnotho okuhlanganisa izinhloso zendawo, zomnotho nezenhlalo.
- Ukweseka ama-SMME ngezimali kubalwa nokuxhasa imboni yamatekisi kanye nokuqeqesha nokuxhasa abasunguli bendawo.
Ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya nokuqinisekisa ukutholakala kokudla
See Also
- Ukuqeda ububha emakhaya ngokuqinisekisa ukuthi imiphakathi yasemakhaya ifinyelela ngokufanelekile ezinsizakaleni ezinqala njengengqalasizinda, imfundo, ezempilo nenhlanzeko.
- Ukwakha imisebenzi ezindaweni zasemakhaya ngokutshala izimali kubasunguli basemakhaya, abalimi abancane, izimboni zezolimo, amapaki ezolimo, ingqalasizinda yasemakhaya, ukunakekela impilo emakhaya.
- Ukuvuselela amakholiji ezolimo nokuqalisa izifundo zezolimo nokuzisungulela emabangeni aphansi emfundo eyisisekelo.
Izinsizakalo zezempilo nezenhlakahle
- Ukuqinisekisa ukufinyelela ezinsizakalweni zezempilo nezezenhlalakahle zawo wonke umuntu.
- Ukuletha ukunakekelwa ngezempilo ezisezingeni nezikhonekayo nezezenhlakahle kuzo zonke izakhamuzi.
- Ukubhekana nokungabibikho kokulawula nokuphendula, inkohlakalo esiholele ukuthi izifundazwe eziningi zibe nokuntuleka kwemali okungapheli.
Izindaba zomdabu nezenkolo
- Ukuqinisekisa ukwazeka, inhlonipho, ukuhlonipheka nokulekelelwa kwemibuso, aMakhosi, izinduna noBuholi Bomdabu.
- Ukukhuthaza ukwazeka, inhlonipho nokulekelelwa kwazo zonke izinhlaka zenkolo ngokulinganayo.