Now Reading
Elakuleli lingayikho konke kepha alikafiki ku-USA ngobudlova
Dark Light

Elakuleli lingayikho konke kepha alikafiki ku-USA ngobudlova

Umhla ziyi-6 kuMasingana ngowezi-2021 wusuku olusasemqondweni kumantu abaningi eMelika. Lolu wukusuku lapho izinhlaka nenzinsika zenqubo yedemokhrasi yalelazwe zazanyazanyiswa khona. Lapho iqulu losidlame lagasela ezindlini zombuso iCapitol Hill. Ziza nje zikhomozwe ngowayengumengameli wezwe uTrump owazisusa phezulu zathi sezidilika zabe zingasadle nkobe zamuntu. Kwaba wukufika nje eCapitol Hill lwasuka uthuthuva, kwaphihlika wena zingilazi, kwagqubuzwana namaphoyisa osidlame laba baze bakwazi ukungena phakathi ezindlini zombuso nakhona bafike bamosha.

Isikhalo sezidlova lesi sabe singemiphumela yokhetho. Babesola ukuthi loyo owabe engumengameli uTrump nguye onqobile hayi uMnu uBiden. Lezi zinsolo zabe zitshalwe nguye uTrump qobo. Ngenxa yalesi sigameko kuyimanje izikhulu eMelika zimatasa zilungiselela okungahle kwenzeke njengoba ngogLwezi  kuzoba nomlenze wesibili phakathi kukaTrump noBiden kwesobumengameli.

Elakuleli esikhathi esingamasonto ambalwa liya okhethweni. Ngongoti bezokuphepha nabahlaziyi kuke kwakhina ukukhuluma okuthi kungenzeka elakuleli libehkane nesimo esicishe sifane naseMelika lapho abathile abayobe benganeme ngemiphumela bengahle badala isimo esimanzonzo ezweni. Isifunda iKwaZulu-Natal ngezozathu ezahlukene injolozela ikuso. Esinye salezi zizathu wudlame nokutatshwa kwempahla okwaba khona ngowezi-2021. Esinye isizathu wukwanda kokubulawa kwalabo abangamakhansela, osopolitiki kanye nalabo abayingxenye yezinhlaka zoBukhosi.

Ukusabela udlame ngesikhathi sokhetho akuyona into entsha e-Afrika njengoba iZimbabwe neKenya iyisibonelo salokho okungenzeka. Kanti futhi kuwo womabili lawamazwe bukhona ubufakazi bokuthi udlame lolu luqalaphi. Kuyavela ukuthi okusuke kwenzeka lapho abantu sebelwa kusuke kuwumphumela walokho okwatshalwa kudala ngesikhathi kukhankaswa. Ulimi lwabaholi luyacija lubhekiswe ngakwinhlangano eyengamele ukhetho nebekwa njenge ngathembekile.  Khona lapho nezinhlaka zokuphepha nazo ziyanindwa kuvele ‘ ubufakazi’ mbumbulu kokunye ukuthi bakhona nje bavukela uhlangothi oluthile. Kepha okunye okuyimikhuba kuba yibo osopolitiki njengaku Trump abangafuni ukuyivima induku, okuthi ingakaphumi imiphumela babe ‘sebenezikhalo’ nezinsolo ngokukhwatshaniswa kokhetho.

See Also

ENingizimu Afrika yize kunezingqinanmba kepha inhlangano yokhetho isathembakele nekwenzayo isatuswa futhi isolwe ngakho. Izinqumo zayo zisadluliselwa enkanto yehlulwe kokunye iphumelele. Lokhu kwenza kube nomuzwa wokuthi  ngisho ingacija kanjani imikhonto ngesikhathi kepha abantu bakuleli kabakabi sezingeni lobudlova obabonakala e-USA ngomhla ziyisi-6 kuMasingana wezi-2021.

Scroll To Top