Now Reading
Ayikho egobe uphondo phakathi kweMadrid neMan City
Dark Light

Ayikho egobe uphondo phakathi kweMadrid neMan City

Bbabheme bakholwa abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo emhlabeni jikelele ngesikhathi iReal Madrid neManchester City bebambana ngama-3/3 emlenzeni wokuqala weQuarterfinal ye-Uefa Champions League izolo ebusuku.

Lo mdlalo womlenze wokuqala ububanjelwe eSantiago Bernabéu okuyikhaya leMadrid. Ukhiqize idili lamagoli ayisithupha. Wonke abaseqophelweni eliphezulu.

Umdlalo usheshe washuba zibekwa amagqozo. UBernardo Silva ukhombise ubuhlakani ngomzuzu wesibili ngesikhathi ibeka amaCitizens phambili.

IMan City ithole i-free kick eduze kwebhokisi. Leli nxele elidabuka ePortugal lishaye sengathi lifuna ukuligoba ibhola okwenze unozinti weMadrid u-Andriy Lunin washiya isikhala ngakwesokudla sakhe.

USilva uvele walibeka kuleso sikhathi, u- walizwa ngendaba. Osokhaya akuzange kubathathe isikhathi eside ukuthola elokulinganisa.

U-Eduardo Camavinga bamnike isikhala ngakwesokunxele seCity. Ubeqhamuka ngasohlangothini wangena ngaphakathi. Udonse ishodi engaphandle kwebhokisi lashayisa kuDias ngemuva kwalokho layobhanjwa enethini ngomzuzu weshumi nambili.

URodrygo ubeke iMadrid phambili ngemuva kwemizuzu emibili leli qembu lithole elokulinganisa. Kuyiwe ekhefini iMadrid ihamba phambili ngama-2/1.

Ngesiwombe sesibili iMan City ibuye ngamandla izama ukuthola igoli lokulinganisa.

UPhil Foden ushaye ingcwenga ngomzuzu wamashumi ayisithupha nesithupha kwathi UJoško Gvardiol wabeka iCity phambili ngemuva kwemizuzu emihlanu.

Udonse imbumbulu yeshodi engaphandle kwebhokisi. ULunin uzamile ukutshuza emoyeni ngenhloso yokuphebeza leli bhola kodwa wangafika kulona.

See Also

UFederico Valverde ushaye eleMadrid lokulinganisa ngomzuzu wamashumi ayisikhombisa nesishiyagalolunye.

Ugotshelwe kamnandi ngakwesokunxele uVinicius Junior. Lo mdlali odabuka e-Uruguay akazange esalilinda lahlala phansi. Uvele walishaya ngezintambo zamakhokho layobhakuza enethini.

La maqembu asezotholana phezulu emlenzeni wesibili ngoLwesithathu oluzayo e-Etihad Stadium, eManchester.

Komunye umdlalo i-Arsenal ibambane neBayern Munich ngo 2-2 e-Emirates Stadium, eLondon emlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeChampions League.

Scroll To Top