ICoronavirus isigadle nakwezemidlalo eNingizimu Afrika
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukubhebhetheka kweCoronavirus sekuphoqe iPremier Soccer League (PSL) ukuba imise imidlalo yayo ebizodlalwa kuleli sonto nangempelasonto. Lesi yisinqumo sesikhashana esithathwe emhlanganweni wesigungu obunamhlanje ekomkhulu lePSL.Silandela isimemezelo sikaMengameli uRamaphosa ngeSonto sokuthi lesi sifo sesihlonzwe njengenhlekelele kazwelonke. USihlalo wePSL, uDkt u-Irvin Khoza, uthe: “Imidlalo ebizokuba kusasa (ngoLwesibili), ngoLwesithathu nangempelasonto esiya kuyona ngeke isaba khona. Umhlangano olandelayo uzokuba ngoLwesine nalapho kuzokwazisa abantu ukuthi imidlalo izoma kuze kube inini.”
Cishe ingaphezulu kwengama-30 imiqhudelwano ezinsukwini ezedlule okumenyezelwe ukuthi ihlehlile ngenxa yegciwane iCoronavirus. Lapho kubalwa namaligi amakhulu emhlabeni.Lapha eNingizimu Afrika ibilokhu iqhubeka imidlalo njengoba kuphunywa kumpelasonto nje bekunemidlalo yeNedbank Cup edlalwe kusukela ngoLwesihlanu. Phakathi nesonto bekulindelwe umdlalo obuzoba phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns noweKaizer Chiefs neBidvest Wits. Nemidlalo yeMultiChoice Diski Challenge imisiwe.