U-Israeli uqinisa ukuhlasela eRafah
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
U-Israeli ukhuphule ukuqhumisa kwamabhomu eRafah eningizimu yeGaza kwathi angaphezu kweshumi nambili amalungu omndeni owodwa abulawa ekuhlaselweni kwezomoya, kusho izakhamizi, njengoba uMnyango Wezempilo ePalestine ucekeleke phansi umemezele ukuthi bayizi-29 313 abashonile empini kuze kube manje.
EJerusalema, ilungu leKhabhinethi lempi yakwa-Israeli uBenny Gantz ucaphunwe ethi “izimpawu ezithembisayo zenqubekelaphambili” esivumelwaneni esisha sokukhulula abathunjwa ababethathwe yiHamas eGaza phakathi nezingxoxo ezenziwa yi-United States, i-Egypt kanye neQatar ukuze kumiswe isikhashana ukulwa.
Umbutho wamasosha akwa-Israeli (IDF) uthe usuqinise umkhankaso wawo eKhan Younis, idolobha elisenyakatho neRafah. Awuzange ukhulume ngokuhlaselwa kweRafah uqobo esifinyezweni sayo sansuku zonke sezehlakalo eGaza futhi ayizange iphendule ngokushesha esicelweni sokuphawula.
Cishe abantu abayisigidi esi-1.5 balinganiselwa ukuthi baminyene eRafah, emaphethelweni aseningizimu impela emngceleni ne-Egypt, iningi labo selibalekile amakhaya abo enyakatho libalekela ukuhlasela kwa-Israyeli.
Ukugeleza kosizo olungena eGaza lusuka e-Egypt sekucishe kufane nento engekho emasontweni amabili edlule, futhi ukuwa kwezokuphepha kwenze kwaba nzima kakhulu ukusabalalisa ukudla okukwazile ukungena eGaza, ngokusho kweminingo ye-UN kanye nezikhulu.
U-Israeli uthe ulungiselela ukuhlasela mahlanze eRafah, naphezu kokuphikiswa okwandayo kwamanye amazwe, okuhlanganisa nezwe elingumlingani wayo oqinile i-USA, ngenxa yokwesabela impilo yabantu. Izakhamizi zaseRafah ezitholakale ngomlayezo wombhalo(text message) zibike ukuhlaselwa ngezemoya okuningana okuqhamuka kwa-Israeli kanye nokuqhuma okukhulu edolobheni, kanye nezikebhe zasolwandle ezivulela ngenhlamvu ezindaweni ezingasogwini lolwandle.
Izintatheli zevidiyo zeReuters zithwebule imiphumela yokuhlaselwa ngezomoya emzini womndeni wakwa-Al-Noor eRafah, obe yimvithi, sikhombisa izidumbu ezingaphezu kweshumi zisongwe ngendwangu emhlophe noma emnyama kanye nezihlobo ezishonelwe esibhedlela saseRafah.
U-Abdulrahman Juma uthe unkosikazi wakhe uNoor, ophuma emndenini wakwa-Al-Noor, kanye nendodakazi yakhe enonyaka uKinza, babulawe bobabili ngesikhathi kunokuhlaselwa kwezomoya, nabazali bakaNoor, umfowabo nezinye izihlobo.
UJuma wayebambe isidumbu sikaKinza, sigoqwe ngendwangu emhlophe enegazi. “Lo osemathangeni ami, kuwuthathile umphefumulo wami. Unonyaka owodwa nesigamu ubudala,” kusho uJuma. U-Israeli uthe amaphekula eHamas asebenzisa izakhiwo ezihlala abantu njengendawo yokufihla ikhanda, into iqembu eliyiphikayo.