Now Reading
Inkinga yokusebenzisa ucwazi netsheboya e-Afrika
Dark Light

Inkinga yokusebenzisa ucwazi netsheboya e-Afrika

UHULUMENI waseKenya useshaye uMthetho onqabela ukusetshenziswa kocwazi (plastic) kuleli lizwe. UHulumeni ushaye lo mthetho ngenxa yokusindwa ngumthwalo odalwa ucwazi asebephendule izwe lafana nendawo okuhlala kuyo abantu abampofu. Inhlokodolobha yakhona iNairobi selingumgqomo kadoti ngenxa yamapulastiki.

Obekhulumela uHulumeni waleli lizwe uthe kayikho imali yokuqasha abantu abazoqoqa ucwazi, futhi kabanayo imali yokwakha indlu angaqoqelwa kuyo. “Ngokushaya umthetho ovimbela ukusetshenziswa kocwazi sethemba kuzonciphisa ukungcola ezweni lethu,” kukhuluma ilunga likaHulumeni.

Abephula umthetho bazojeziswa ngokukhokha imali eyizii-$38,000 noma bavalelwe ejele iminyaka emine. AbaseKenya sebetshelwe ukuthi mabasebenzise obhasikidi nezikhwama okwakhiwe ngotshani noma ngendwangu.

Abelungu abahlala eKenya abahambisani nalo mthetho. Bawusola ngamazwi ashubileyo bathi uzolimaza ukuthuthuka komnotho waleli lizwe. Abanye besabisa ngokuvala amabhizinisi abo uma bengavunyelwa ukuthengisa ngezikhwama zocwazi. Iyamangalisa intukuthelo yabelungu baseKenya ngoba i-European Parliament seyashaya umthetho ovimbela ukusetshenziswa kwezikhwama zocwazi. Izitolo ezinkulu bezinikeza ngezikhwama zocwazi mahhala seziyazidayisa manje.

Umphumela wokudayisa izikhwama zocwazi ngukuncipha kwezinduduma zocwazi kula mazwe. Sekwakhiwa nezindlu ashiselwa kuzo. Umsebenzi wokuqoqa nokushisa ucwazi ubiza izigidigidi zamayuro ngonyaka. Amazwe afana neSpain abhekene nensumansumane yokuqoqa ucwazi asakazeke kulo lonke leliya lizwe. La mazwe akanayo imali yokwenza lo msebenzi.

IKenya kayilona izwe lokuqala e-Afrika ukushaya umthetho ovimbela ukusetshenziswa kocwazi. Ngonyaka wezi-2016 izwe laseRwanda lashaya umthetho onqabela ukusetshenziswa kocwazi. Nakulo leli lizwe abelungu abenza amabhizinisi kulo babanga omkhulu umsindo bathi bazoqhubeka nokusebenzisa ucwazi. Bazowushaya indiva umthetho. E-Afrika asemaningi amazwe ahlongoza ukushaya imithetho evala ukusetsheziswa kocwazi.

Okuhlanganisa onke amazwe alwa nokwanda kocwazi ngukuthi ohulumeni bavikela inhlalo yabantu babo. Kukhona ukuvumelana ukuthi ucwazi lunukubeza imvelo ngoba kaluboli. Emazweni ashisayo njengawase-Afrika sekutholakele ukuthi ucwazi luyisizidleke okuzalela kuso omiyane nezinye izilwane ezandisa izifo kubantu. Nenhlangano ibizwa ngokuthi International Health Organisation eGeneva iyakusekela ukuthi ucwazi luyingozi kubantu. Akumiswe ukusetshenziswa kwalo.

See Also

Itsheboya

Inkinga yamazwe afana neNingizimu Afrika kakuyona eyokwanda kocwazi kuphela kukhona nokudayiswa kwetsheboya (asbestos). Izizwe zase-Europe sezashaya umthetho ovimbela ukwakhiwa nokutshenziswa kwetsheboya kuwo wonke la mazwe. Kuthiwa itsheboya libanga isifo somdlavuza. Eningizimu Afrika, ngaphandle kokuthi izindlu zaboHlanga zifulelwe ngetsheboya, abelungu bayaqhubeka nokudayisa ngalo. UHulumeni waseNingizimu Afrika uthule du. Uma ukhona umthetho ovimbela ukusetshenziswa kwalo kabanandaba nawo abelungu. Singasho kanjani ukuthi sinoHulumeni ebe engasivikeli?

Esikubonayo lapha ngukuthi izinkampani zase-Europe ezakha izinto okuthiwa ziyingozi empilweni yabantu ziyayihlonipha imithetho yamazwe azo kodwa kaziyihloniphi imithetho yamazwe ase-Afrika. Lokhu kungenxa yokuthi i-Afrika kayinawo amandla kwezomnotho. Ngakho-ke ohulumeni bethu bayesaba ukulandela imithetho abayishayayo. Ngamanye amazwi kulula ukushaya umthetho ovimbela ukusetshenziswa kwento eyingozi kodwa kulukhuni ukubona ukuthi uyalandelwa lowo mthetho. Ngakho bayaqhubeka abelungu nokudayisela abantu boHlanga itsheboya.

Ngumsebenzi kaNgqongqoshe Wezempilo ukuvikela abantu angumholi wabo. Phakathi kwabaholi esinabo akekho ongathi akayazi ingozi yokusebenzisa itsheboya. Abaholi be-ANC kakhulukazi labo ababesekudingisweni bayazi ukuthi itsheboya libanga umdlavuza. Singasho kanjani ukuthi sinoNgqongqoshe wezeMpilo uma ebukela ukudayiswa kwetsheboya azi ukuthi liyingozi empilweni yethu? Zonke izindlu ezisemalokishini kufanele zidilizwe kwakhiwe izindlu ezingezukuba netsheboya. UHulumeni waseNingizimu Afrika makashaye umthetho ovimbela ukudayiswa kwetsheboya nocwazi ezweni lethu.

  • UDkt uHerbert Mnguni uzinze eGermany
Scroll To Top