UMahlase usefuna ukulwela izicoco ezinkulu emhlabeni
Usefuna ukulwela izicoco ezinkulu emhlabeni uNkosingiphile Sibisi kulandela ukunqoba isicoco saseNingizimu Afrika esigabeni seFlyweight.
NgoMgqibelo ebusuku, uSibisi uqumbe phansi uTrevor Nghonyama empini ehambe imizuliswano eyishumi nambili.
USibisi unqobe le mpi ebisiqophelweni eliphezulu ngamaphuzu. Impi yakhe ibihlelwe yiHle Jobe Promotion. Izimpi bezibanjelwe e-Escourt Town Hall.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuba ngumpetha waseNingizimu Afrika. Kudala ngifisa ukufeza leli phupho. Namuhla (ngoMgqibelo) ngikwazile ukulifeza. Into engisebenzele ukuhlala ngisejimini nokuzinikela kwami ngilungisilela lempi. Bengikulungele ukulwa imizuliswano eyishumi nambili,” kuchaza uSibisi.
Lo mshayisibhakela ufike kwezwakala kwezamankomane. Uselwe izimpi eziyisikhombisa wazinqoba zonke. Ngempelasonto ucishe wanqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi kodwa uNghonyama walanyulelwa wukukhala kwensimbi sekucaca ukuthi uzokhala phansi.
“Yebo, kubekhona leyonto yokuthi waphunyuka lomuntu. Bekuyisifiso sami ukumgingqa. Mina bengingayiboni lempi ihamba ibanga elide. Ngimbonile ukuthi uyaxega ezinyaweni. Uma ngidedela odalimede bezibhakela eziqinile ubevele awe,” kuqhuba uSibisi.
Njengamanje uSibisi usebheke ukulwela amabhande amakhulu emhlabeni.
“Isihlalo engihlezi kusona yisihlalo esikhulu kakhulu. Wonke amabhokisa asezingeni eliphezulu esigabeni sami azophonsa inselelo. Ngakho kuzomele ukuthi mina ngiqinise kakhulu ejimini. Ngifisa ukudlalela ezinye izicoco ezinkulu kunesicoco saseNingizimu esingisiphethe njengamanje. Ngifuna ukulwela i-ABU, neWBO International ngoba lawa ngamabhande amakhulu okwazi ukuwaphatha ngisengumpetha waseNingizimu Afrika. Isicoco saseNingizimu Afrika ngizimisele ngokusivikela amahlandla amahlanu njengokwemigomo yayo. Kumele ngikhohlwe manje ezinye izinto ezisemaceleni ngigxile ekufezeni amaphupho,” kuphetha uSibisi.