Imininingwane mbumbulu ithikameza impi yokuhlenga abathunjwa eNigeria
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISikhulu Sezokuvikela eNigeria, uChris Musa, izolo sithe amasosha anikezwa ulwazi olungelona yizimpimpi, okuthikameza impi ebhekene namaqembu ezigebengu ahlomile athumba abafundi basekolishi nezakhamizi enyakatho yezwe.
Umbutho wethule ngeSonto ukuthi uhlenge abafundi basekolishi abali-137 ababethunjwe oshayasibhamu ekuqaleni kwale nyanga enyakatho-ntshonalanga yesifunda iKaduna. Izingane zasenyuvesi zibuyiselwe eKaduna izolo.
UMusa weluleke abeReuters ukuthi amasosha umsebenzi mkhulu noma mningi kakhulu futhi kwesinye isikhathi athembele ezimpimpini ukuthi balandele amaqembu ezigebengu, ahlonzwa kuleliya lizwe njengezigelekeqe, imvamisa engaphumeleli kangako.
“Benza (izimpimpi) amasosha ukuthi aye kwezinye izindawo futhi uma efika lapho, awahlangani nalutho okugcina kunika izigelekeqe intuba yokwenza ukuganga kule ndawo umbutho osuke ususukekhona,” kusho uMusa.
UMusa uthe akubanga khona ukuhilizisana noshayasibhamu ngesikhathi behlenga abafundi basekolishi laseKaduna. Kodwa-ke, akazange futhi asho ukuthi abafundi bakhululwe kanjani noma ngabe kukhona oshayasibhamu ababoshiwe.
Sekube nokuthunjwa kwabantu okungenani okungama-68 ngekota yokuqala yowezi-2024 ikakhulukazi enyakatho yeNigeria, ngokusho kwenkampani yezobunhloli iSBM Intelligence. UMusa uthe ngesikhathi lapho izigebengu sezibuyela emahlathini amakhulu aseNigeria, kuba nzima ukuzilandela. Lokho kubangelwa oshayasibhamu abahamba ngokushesha benqamula ihlathi, ngokuvamile izinsuku eziningi nezisulu zabo.
“Uma bengena nje lapho, ukubakhipha kuba nzima. Izindiza azikwazi ukubona kahle ngenxa yezihlahla,” kusho yena, okuhlanganisa nokuthi umngcele osenyakatho waseNigeria omkhulu futhi onganakekile wenza lesi simo saba sibi kakhulu.
Lokhu kuthunjwa sekubangele ukuthi ohulumeni bezifundazwe baqashe labo abababiza ngokuthi onogada bamaqembu. “Manje, ohulumeni bezifunda bodwa bazokhetha abantu abangaqeqeshiwe ukuthi bagade izifunda zabo kepha lokhu siphakamisa ukuthi bangakwenzi,” kusho yena.