Now Reading
Abokufika bavunwe inkantolo ngesinxephezelo seRAF
Dark Light

Abokufika bavunwe inkantolo ngesinxephezelo seRAF

AbeSikhwama Esinxephezela  Abalimele Ezingozini Zomgwaqo iRoad Accident Fund basiphonsele inselelo isinqumo sayizolo seNkantolo eNkulu eGoli esivune abokufika uma behlelwa izingozi zomgwaqo. 

Inkantolo inqume ukuthi iRAF inesibopho sokunxephezela abokufika kuleli kungakhathalekile ukuthi bakuleli ngokusemthethweni okanye bangene ngokungemthetho. Kumanje abalesi sikhwama babhekene namakhulu abakuleli abalimala ezingozini zomgwaqo abasazicubungula.

Okhulumela iRAF uMnu uMcIntosh Polela uthe sithe siphuma nje isinqumo senkantolo bangachitha sikhathi basiphonsela inselelo. “Sixakekile ukuthi inkantolo ifike kanjani kulesi sinqumo. Umthetho i-Immigration Law uyakucacisa ukuthi uma umuntu efaka isicelo kumele acacise ukuthi ukuleli ngokusemthetweni yini,” kusho uPolela.

Uthe umthetho uphinde ubabophezele bona njenge RAF ukuthi babike eMnyangweni Wezasekhaya uma kukhona abangaphandle abafake izicelo.

UPolela uthe uhlelo lokucutshungulwa kwezicelo luhamba kahle kakhulu kusuka bethula iCall Centre ngonyaka odlule ngoba abantu sebeyakwazi ukufona bazilandelele izicelo zabo. Uthe isicelo sithatha izinyanga ezine bese kuyakhokhwa. “Abantu abasilimazayo abameli abagodla imininingwane ethile yabantu bede besinikeza yona ngamanconzunconzu ukuze baqhubeke nokudla imali ehambisana nesicelo. Kokunye bakwenza lokhu kuze kuphele iminyaka emibili ngoba uma benika imininingwane yonke ngesikhathi ngeke baqhubeke nokudla”.

See Also

Uthe abanye abantu abahluphayo yilabo abafaka izicelo bengazange balimale nasezingozini belimele ematshwaleni. Uveza ukuthi kuze kube imanje sebechithe izicelo zemali eyizi-R3,6 billion ezingombombayi.

UPolela uthe okuxakayo ukuthi umuntu wakuleli uma ephumela ngaphandle kwezwe kumele athathe umshuwalensi ozomkhokhela uma ehlelwa ingozi. 

Scroll To Top