Phansi amaphaphu, iBhele angeke ligadle kwaweNATO
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IRussia ayinawo amasu kunoma yiliphi izwe le-NATO futhi ngeke lihlasele iPoland, amazwe aseBaltic noma iCzech Republic kodwa uma amazwe aseNtshonalanga enikeza i-Ukraine ama-F-16 azodutshulwa amasosha aseRussia, kusho uMengameli uVladimir Putin izolo ebusuku.
Ukuhlasela kweRussia e-Ukraine ngoNhlolanja kowezi-2022 kudale inkinga ejulile ebudlelwaneni baseRussia namazwe aseNtshonalanga okwagcina ngowe-1962 ngesikhathi seCuban Missile Crisis.
Ekhuluma nabashayeli bezindiza zombutho baseRussia, uPutin uthe umfelandawonye wezempi oholwa yi-US usunabele ngasempumalanga ubheke eRussia kusukela kwawa iSoviet Union ngowe-1991 kodwa wathi iMoscow ayinazo izinhlelo zokuhlasela amazwe angaphansi kweNATO.
“Asinazo izinhloso ezinolaka mayelana nala mazwe,” kusho uPutin, ngokombhalo waseKremlin okhishwe izolo.
“Umbono wokuthi sizohlasela elinye izwe – iPoland, amazwe aseBaltic, neCzech nawo ayasaba – umbhedo uqobo.”
IKremlin, esola i-USA ngokulwa neRussia ngokweseka i-Ukraine ngemali, izikhali nobuhlakani, ithi ubudlelwano neWashington cishe abuzange bube bubi kakhulu.
Ebuzwa ngama-F-16 aseNtshonalanga ethembise ukuwathumela e-Ukraine, uPutin uthe izindiza ezinjalo ngeke ziguqule isimo e-Ukraine. “Uma behlinzeka ngama-F-16, futhi bekhuluma ngalokhu futhi ngokusobala baqeqesha abashayeli bezindiza, lokhu ngeke kusishintshe isimo enkundleni yempi,” kusho uPutin.
“Futhi sizocekela phansi indiza njengoba sicekela phansi amathangi izolo, izimoto ezihlomile nezinye izinto zokusebenza, okuhlanganisa neziqhumane eziningi zamarokhethi.”
UPutin uthe amabhanoyi e-F-16 ayakwazi ukuphatha izikhali zenuzi. “Yebo, uma zizosetshenziswa ezinkundleni zezindiza emazweni esithathu, ziba yizinjongo zethu ezisemthethweni, noma ngabe zikuphi,” kusho uPutin.
Ukuphawula kukaPutin kulandele ukuphawula kukaNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Ukraine uDmytro Kuleba ukuthi indiza kufanele ifike e-Ukraine ezinyangeni ezizayo. I-Ukraine, manje eseyidlule iminyaka engaphezu kwemibili impi egcwele ngokumelene neRussia, ifuna ama-F-16 izinyanga eziningi.
IBelgium, iDenmark, iNorway kanye neNetherlands aphakathi kwamazwe azibophezele ukunikela ngama-F-16. Umfelandawonye wamazwe uthembise ukusiza ukuqeqesha abashayeli bezindiza base-Ukraine ekusebenzisaneni kwabo.