Now Reading
URayners ufuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba kuBafana Bafana
Dark Light

URayners ufuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba kuBafana Bafana

Ufuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba umgadli weStellenobosch FC u-Iqraam Rayners uma eboshelwa esikimini namuhla ngele-11 ebusuku lapho iBafana ezotholana khona phezulu ne-Algeria emdlalweni wesihle e-19 May Stadium.

URayners ovutha engabaselwe kuPremier Soccer League (PSL) ufakwe esikwatini seBafana kulandela ukushaya into ecokeme eqenjini lakhe.

Ngeledlule uRayners ungene esuka ebhentshini ngesikhathi iBafana ibhekene ne-Andorra e-19 May Stadium. Umdlalo uphele ngeli-1 nhlangothi zombili.

“Kuhlale kuyintokozo ngaso sonke isikhathi ukudlalela iqembu lesizwe. Ngeneme ngethuba engilinikwe umqeqeshi nethimba lakhe. Ngizimisele ngokuveza ikhono lami eqenjini lesizwe nakumqeqeshi,” kusho uRayners.

Lo mgadli odabuka eKapa ubonge umndeni wakhe ngokumeseka.

“Ekhaya abazange bangifonele kodwa bangiyalele ukuthi ngingathuki bese ngikholelwa kimina. Abazange bangifonele kodwa sixoxe ezinkundleni zokuxhumana,” kulandisa uRayners.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos kungenzeka aqale ngoRayners phambili uma elakuleli selitholana phezulu ne-Algeria.

“Konke kuhamba kahle ekhempini. Ozakwethu bangayigqugquzela. Nami sengibheke ukuthola ithuba ukuze ngizolibamba ngezandla zombili,” kuchaza uRayners.

See Also

Ngemuva kwemidlalo emibili eqenjini lesizae uRayners usedlale imidlalo emibili.

“Isifiso sami uma ngithola ithuba osukwini lwakusasa (namuhla) wukushaya igoli elilodwa noma amabili. Okwesibili wukufaka isandla ekutheni iqembu linqobe umdlalo,” kuchaza uRayners.

I-Algeria yakha iqembu kabusha kulandela ukuphuma ku-Afcon esigabeni samaqoqo imiqhudelwano ilandelana.

“Ngeke ubelula lomdlalo esizowudlala ne-Algeria. Kumele siphushane ukuze sizokwazi ukuthola umphumela esiwufunayo.” kuphetha uRayners.

Scroll To Top