UMengameli Wesikhashana noNdunankulu bagunyazwe ukungenela ukhetho lukamengameli eChad



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMkhandlu Womthethosisekelo waseChad ngeSonto ugunyaze abantu abayishumi abazongenela ukhetho lukamengameli olulindelwe ngabomvu kulo nyaka, okuhlanganisa noMengameli wesikhashana uMahamat Idriss Deby kanye noNdunankulu wezwe osanda kuqokwa.
Leli izwe elimaphakathi ne-Afrika lihlelelwe ukubamba umzuliswano wokuqala wokhetho lukamengameli ngoNhlaba njengengxenye yoguquko olubuyela kuntando yeningi lusuka ekubuseni kwejunta (umbutho wezempi).
UDeby waqala wathembisa ukuthi ngeke kuphele izinynaga ezili-18 uguquko lwentando yenningi lungaqedwanga ngemuva kokuthatha izintambo zombuso ngowezi-2021, ngesikhathi ubaba wakhe owayesenesikhathi eside ebusa leliyalizwe ebulawa amavukelambuso.
Kodwa uHulumeni wakhe ngokuhamba kwesikhathi wathatha izinqumo ezihlehlisela ukhetho kuze kube ngowezi-2024 futhi zamvumela ukuthi angenele ukhetho lokuba nguMengameli, nokuholele ekutheni kube nemibhikisho eyaqedwa ngodlame ngabezokuphepha.
NgoZibandlela nyakenye, abantu baseChad bavotela umthethosisekelo omusha abagxeki abathi ungasiza ukuqinisa amandla aDeby njengoba umvumela ukuthi angenele ukhetho lokuba ngumengameli. UDeby uqinisekise inhloso yakhe yokungenela ukhetho ekuqaleni kwale nyanga.
Uhlu olukhishwe ngeSonto luhlanganisa nomholi weqembu eliphikisayo uSucces Masra, oqokwe njengoNdunankulu kuHulumeni Wezinguquko ngoMasingana. Kungokokuqala ngqa emlandweni waseChad ukuthi uMengameli noNdunankulu babhekane okhethweni lukamengameli.
Umphikisi wokuqina weJunta, uMasra wayebalekile kuleli lizwe ngemuva kokubulawa kwenqwaba ngesikhathi abezokuphepha becindezela imibhikisho enhlokodolobha iN’Djamena ngoMfumfu wezi-2022. Umzuliswano wokuqala wokuvota uhlelelwe ukuba ziyisi-6 kuNhlaba kanti umzuliswano wesibili wona uzoba zingama-22 kuNhlangulana , nemiphumela yesikhashana elindeleke ziyisi-7 kuNtulikazi.
UHulumeni wezempi waseChad ungomunye wemibuso embalwa ebuswa iJunta njengamanje eNtshonalanga naseCentral Africa. Kube nokuketulwa kwembuso okuyisishiyagalombili kulesi sifunda kusukela ngowezi-2020, okudale ukukhathazeka ngokuhlehla kwentando yeningi.