URamaphosa uhalalisele uPutin enqoba ukhetho
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-2.jpg?fit=80%2C76&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2024/03/Ramaphosa-and-Putin-01.png?fit=1200%2C716&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-2.jpg?fit=156%2C149&ssl=1)
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uhalalisele uzakwabo waseRussia uVladimir Putin ngokuqokwa kwakhe kabusha esikhundleni sokuhola iRussia. UPutin welule ukubusa kwakhe kweminyaka engama-24 ngeminye iminyaka eyisithupha kulandela ukhetho i-United States elubize njengolungenademokhrasi. I-European Union ibize ukuqokwa kwakhe kabusha njengento engekho.
Kodwa ukuphawula kukaMengameli Ramaphosa kugqamise ukuzibophezela kweNingizimu Afrika neRussia ekusebenzisaneni okuhlanganisa neNhlangano Yezizwe Ezihlangene kanye neBRICS. Isitatimende sikaMengameli Ramaphosa sokuhalalisela uzakwabo waseRussia siphinde saqinisekisa inkolelo eqinile yeNingizimu Afrika ekugcineni ukuthula nokuvikeleka kwamazwe ngamazwe.
Nokuthi uHulumeni wakhe uzoqhubeka nokusebenzisana neRussian Federation kanye neRiphabhulikhi yase-Ukraine ukuze kutholakale ukuthula okuhlala njalo phakathi kwala mazwe amabili angomakhelwane.
IPitoli (Inhlokodolobha yakuleli) izithole isingaboni ngaso linye namazwe asentshonalanga ekusondeleni kwayo eMoscow, abayi (awasentshonalanga) ngokwephula ilungelo lobuzwe be-Ukraine ngemuva kokuhlasela osekuphenduke ukuhlasela okukhulu kunawo wonke eYurophu kusukela ngeMpi Yomhlaba Yesibili.
I-United States ithe lolu khetho obelubanjelwe eRussia ayilubonanga luwukhetho olukhululekile futhi olunobulungiswa.