Kweqe abokufika: uMotsoaledi usola utwayi oludala


Inkohlakalo okuthiwa idla lubi ezikhungweni okugcinwa kuzo abasemazweni abangaphandle abanqandwa bezama ukuwela umngcele ngokungemthetho bewelela kuleli iphinde yavela obala ngesikhathi kweqa abokufika abangama-69 obekulindeleke ukuthi babuyiselwe emazweni abo.
Ngesikhathi sokweqa bebeyi-1 521 abantu bokufika abebegcinwe kulesi sikhungo sababaleki iLindela. Emuva kokuzwakala kwalezi zindaba uNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt u-Aaron Motsoaledi unxuse ukuba kuqalwe uphenyo oluphuthumayo ngenkampani ebhekele lesi sikhungo i-Enviromongz.
Bonke abagcinwe kulesi sikhungo abanazo izimvume zokuba kuleli bekulindelwe ukuthi kuleli sonto babuyiselwe amazweni abo iZimbabwe, iTanzania, iMalawi neMozambique. Kusabatshazwa ukweqa kwalaba kuphinde kwaba nesinye isehlakalo sokuzama ukweqa kwababaleki esiphethe ngokuthi kulimale oyedwa nonogada ababili.
Ehambele kulesi sikhungo ngokuqala konyaka uMotsoaledi ekanye nozakwabo Wezemisebnzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMnu uSihle Zikalala wathi phambilini sebexoshe izikhulu ezingaphezu kweshumi ngenxa yokugwazelwa ngabantu bangaphandle abasuke befuna ukungena eNingizimu Afrika ngaphandle kwamaphepha abagunyazayo.
UMotsoaledi uthe uzoma kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi imingcele yakuleli iphephile futhi nesihlava senkohlakalo siyaqedwa. Yize ephokophela useke wathwala kanzima egxekwa abamaqembu ezepolitiki kanye nezinhlangano ezimele abokufika, ngendlela asebenza ngayo abathi ikhombisa inzondo nokucwasa abokufika ikakhulukazi abaphuma ezwenikazi.
Ngesikathi sokhetho loHulumeni Bezindawo uMotsoaledi waphenduka iqaqa kwamanye amaqembu ezepolitiki kepha amanye emi ngakuye njenge-Action SA. UMashaba wathi bazophuma umkhankaso wokukhuculula zonke izakhiwo emadolobheni amakhulu eseziphenduke izidleke zabokufika. Ngakolunye uhlangothi i-Economi Freedom Fighters kaMnu uJulius Malema yayingasohlangothini lwabokufika ithi iNingizimu Afrika ingeyabantu bonke abahlala kuyo.
UMotsoaledi umi kwelokuthi izwe alikwazi ukugcina abantu bokufika ngaphandle kwezimvume. Uthe njengoba sekukhona nezigameko zokweqa kwabathile kuyacaca ukuthi kukhona abasebenzisa ukungaboni ngasolinye kosopolitiki bese beyadla ngakho. Okunye akuvezayo ukuthi abanye babalekile emazweni abo ngenxa yezimpi nezinye izimo zenhlalo, kodwa njalo ngamaholidi kaKhisimusi babonakala betshatha imithwalo benqamula umngcele bebuyela emazweni abo. Waphawula kanje, “Kukhalwa ngokuthi iNingizimu Afrika iyacwasa ngoba kukhona abafuna siqhube ngendlela amazwe ahlelekile angenzi ngayo.
Alikho nelilodwa izwe elingamela lokhu okwenzeka kuleli. Uma kuwukuthi siyacwasa ngokulandela imithetho zingamane zilime ziye etsheni”. Akuphelanga isikhathi esingakanani kwavumbuka inhlangano yomphakathi ethi ilwa nokushushumbiswa kwezidakamizwa eGoli ekholwa ukuthi abokufika banesandla kukho. IDemocratic Alliance ne-Economic Freedom Fighters bakhipha isitatimende esihlanganyele begxeka uMotsoaledi.bembiza ngomuntu ocwasa ngokobuzwe.
“U-Aaron Motsoaledi uyiqhawe likaHerman Mashaba uma kuziwa ekucwaseni abokufika kuleli. Kungani umholi we-Action SA ekhothamela wonke usopolitiki ongaphansi kwe-ANC ocekela phansi uMnyango Wezasekhaya. Impendule isekutheni lokhu akuhlangene nokungena kwabantu bangaphandle ezweni. Kodwa kungoMashaba odonsana ngekhala noMotsoaledi,” kusho uMnu uScheiber weDA.