Abahlaseli babulale abali-15 eSouth Sudan
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Intsha engaziwa idubule yabulala abantu abali-15 esifundeni iPibor eSouth Sudan, kusho iSikhulu Esiphezulu ngoLwesithathu, sengeza ngokuthi izisulu zihlanganisa noKhomishana walesi sifunda.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ngesikhathi uKhomishana waseBoma County ePibor ebuya esigodini esikule ndawo.
“UKhomishana nethimba lakhe baye endaweni yaseNyat nalapho ebuya khona wahlaselwa kwashona abantu abali-15 okuhlanganisa noKhomishana,” kuphawula u-Abraham Kelang oNgungqongqoshe Wezokwazisa eGreater Pibor Administrative Area, etshela abeReuters.
NgoMasingana, abantu abangaphezu kwama-50 okuhlanganisa nabesifazane, izingane kanye namasosha amabili e-United Nations (UN) abulawa ekuhlaselweni komngcele weSouth Sudan neSudan. Izinsizwa ezihlomile zaseWarrap State eSouth Sudan zenze umkhankaso wokuhlasela esifundeni esingumakhelwane i-Abyei.