Now Reading
Kusolwa izinswelaboya nobugebengu obuhleliwe eNigeria
Dark Light

Kusolwa izinswelaboya nobugebengu obuhleliwe eNigeria

Ukubulawa kwabantu abangama-23 ababebuya emcimbini wabenkolo yamaSulumane eNigeria kwaba ukuhlasela okwakuhlelwe ngabasolwa asebevele bengaphakathi ejele, kusho iziphathimandla ngeSonto. 

Ubudlova nokubulawa kwabantu sekuyinto yansukuzaphuma eNigeria nokuyizwe elinabantu abaningi e-Afrika. Izindawo ezifana nemigwaqo sezithathwa njengeziyingozi njengoba izinswelaboya ezisuke zihlomile abahzigadla khona.

Esitatimendeni, uMongameli Muhammadu Buhari ukugxekile ukuhlaselwa  kwangoMgqibelo enkabeni yePlateau kwamabhasi abuya emkhosini wenkolo yobuSulumane esifundazweni iBauchi. Yize imininingwane yokuhlaselwa koMbusi uJos ibingakacaci, abanye bese beqalile ukulimbathisa inkolo udaba bethi ababulewe ngamaSulumane ngakho umkhonto uvele kumaKrestu.

“Kuyacaca ukuthi lokhu bekuwukuhlasela obekucatshangwe kahle futhi kuhleliwe njengoba ababulwe kanjalo nomcimbi abebekuwe bwkwaziwa,” kusho uBuhari. 

Uthe abenzi bobubi babe nonya kanti nokwenza kwabo kubukele phansi ilungelo labanye lokuhamba ngokukhululeka nokulandela inkolo yabo.

See Also

Umbusi wesifundazwe i-Plateau, uMnu uSimon Lalong uthe abezokuphepha babophe abasolwa abangama-20 base bebeka isikhathi sewashi sehora lesithupha ebusuku kuya ehoreni lesithupha ekuseni ngenxa yokwesaba ukuthi kungahle kube nokuziphindiselela. “Lokhu kungukuziphatha kobugebengu nje futhi akumele kungqokiswe ubuhlanga noma inkolo”.

I-Nigeria ibikhungethwe wudlame eminyakeni yamuva: izingxabano phakathi kwabalimi nabelusi bezinkomo zibulale izinkulungwane, kuyilapho impi yeminyaka eyi-12 yokulwa namasosha ahlomile enkolo yobuSulumane iholele ekufeni kwabantu abalinganiselwa kwizi-350,000.

Scroll To Top