Now Reading
Badingida ngamasu okubhekana neChina neRussia abeG7
Dark Light

Badingida ngamasu okubhekana neChina neRussia abeG7

Anathi Mtaka

Ongqongqoshe bamazwe aneminotho enamandla eG7 babuthane eLondon ngoMsombuluko emhlanganweni wabo wokuqala wobuso nobuso selokhu kwaqala ubhubhane ukhuvethe, lapho uMnu uDominic Raab waseBritain  evule ngezingxoxo noNgqongqoshe Wezasekhaya wase-United States uMnu u-Antony Blinken. 

IBritain okumanje iphethe isikhundla sokuwengamela le nhlangano izosebenzisa leli sonto njengethuba lokuqinisa ithonya laseNtshonalanga, ukunqoba ukhuvethe, ukuguquka kwesimokade sezulu nokuthi kubhekwana kanjani neChina neRussia. 

Ongqongqoshe bazobeka isisekelo sohambo lokuqala oluhlelelwe uMengameli wase-USA uJoe Biden phesheya kwezilwandle selokhu angena esikhundleni. 

Ingqungquthela yeG7 eBritain ngenyanga ezayo ihlose ukuvuselela ukubambisana nabalingani bendabuko ngemuva kweminyaka yombango ngaphansi kukaDonald Trump owayenguMengameli wase-USA. 

Ngaphandle kwamalungu eG7 iCanada, iFrance, iGermany, i-Italy, iJapan kanye ne-United States, iBritain nayo imeme ongqongqoshe abavela e-Australia, e-India, eNingizimu Afrika  kanye naseSouth Korea kuleli sonto. 

Ngaphambi kwalokho, uRaab noBlinken bazohlangana ukuxoxa ngezinhloso ezabiwe. IBritain izimisele ukusebenzisa ukuzimisela kukaBiden ukuzibandakanya nemizamo yomhlaba yokulwa nokuguquka kwesimokade sezulu nokubuyisela isivumelwano senuzi ne-Iran esaliwa nguTrump.

See Also

URaab uthe ngeSonto iG7 izobheka isiphakamiso sokwakha indlela esheshayo yokuphendula ukulwa nokwaziswa kweRussia futhi ngokubhekisa eChina, yakhuluma ngesidingo sokumela izimakethe ezivulekile nentando yeningi. 

“Kuzo zonke lezi zindawo sifuna ukuqina ngokuphelele, futhi sime ihlombe nehlombe hhayi nje nabantu base-USA, ababaluleke njengabo, kepha nabalingani bethu yingakho iG7 ibaluleke kakhulu,” kusho uRaab. 

URaab noBlinken nabo kulindeleke ukuthi baxoxe ngezingxoxo eziqhubekayo zezohwebo ne-United States njengoba iBritain ifuna isivumelwano esingakatholakali, esashiwo nguNdunankulu uBoris Johnson njengenye yamathuba amakhulu avulwe ngokushiya i-European Union (EU).

Scroll To Top