Now Reading
Ukuvelela akumenzanga wakhohlwa inkaba yakhe iHammarsdale
Dark Light

Ukuvelela akumenzanga wakhohlwa inkaba yakhe iHammarsdale

Ukukhuliswa nguyise oayesevele edonsa kahle ngenxa yobuthaka bempilo kwamqinisa umzwilili waseHammersdale, eMpumalanga okuyinamuhla elikaMthaniya nezwe lonke liyazigqaja ngaye. Njengamaciko amaningi uThembisile MaNtaka Dube kwadingeka ukuthi afudukele eGoli ukuze kufezeke iphupho lakhe lokuba ngumculi.

Namuhla uThembisile useyiciko elihlonishwayo ezwenikazi ngokuqhubeka nesigqi sabaculi bakudala kuleli njengoMirriam Makeba, uDorothy Masuku nabanye. Kuze kube yinamuhla usekhiphe ama-albhamu angaphezu kwamahlanu okukhona nezingoma ezihlabahlosile njengeyaduma kakhulu eminyakeni edlule ethi, uKhelina, uDali Wami, uSinamakhosa, uSave Me. Okumenza avelele kwabanye abaculi nokuba yintandokazi ukuthi umculo wakhe uwuhlanganisa ngesiNgisi nezilimi zaboHlanga. 

Lokho kwenza kube lula ukuba asebenzisane namaciko ahlukene. Useke wasebenzisana noRingo Madlingozi, uRebecca Malope  nongasekho uHip Hop Pansula. Indlela kaThembisile yempumelelo yaqala ngesikhathi kunochungechunge lokuhlonza ikhono kubaculi olwaluxhaswa yinkampani iCoca Coca olwalaziwa ngamaCoca-Cola Popstars olwalukhona eminyakeni engaphezulu kwama-22 edlule yilo elavundula izwi lakhe  elimtoti. Akekho owayecabanga ukuthi kuleya ndawo eyabe igubuzelwe udlame lwezepolitiki kungaphuma lo mzwilili. UThembisile waba ngelinye ilungu leqembu eladuma kakhulu i-Adilah. 

Leli qembu lasungulwa yintsha eyayiyine eyayisisele kowamanqamu okuhlunga. Ingoma yokuqala eyashisa izikhotha abayikhipha yayithi, “Sesifikile”. Ngokuphumelela kwakhe kulo mncintiswano uThembisile waba ngubufakazi bokuthi ukubekezela nokuphokophelela lokho okufisayo empilweni kuyenzeka uma ukholelwa kulokho oyikho. Lena kwabe kuyintombazane ephuma ekhaya elidonsa kanzima ihlala endlini yodaka, kodwa ngephimbo nokuzethemba yakwazi ukushintsha impilo yayo neyomndeni wayo.

See Also

Emuva kokuhlakazeka kwaleli qembu amalungu aphuma ngezindlela ezahlukene kodwa kuze kube yinamuhla nguyena kuphela okusakhulunywa ngaye futhi osekhona endimeni yomculo. Ukhipha izingoma eziningi futhi esebenzisana nabanye abaculi.

Ngenxa yokuvuthwa kwendlela yakhe ebheke empumelelweni, kuthe ngonyaka wezi-2021 wamemezela ukuthi usezogxila kakhulu ekukhiqizeni umculo elekelela abaculi abasafufusa futhi esebenzisana nezinkampani zomculo. Engxoxweni aba nayo nelaboHlanga ngowezi-2022 wamemezela ukuthi usezogxila ezintweni eziningi ezingathinti umculo nje kuphela esebenzisa inkampani yakhe iThembisile Ntaka Production.  

Scroll To Top