Now Reading
Wenza Zonke izinto ngenhliziyo emhlophe
Dark Light

Wenza Zonke izinto ngenhliziyo emhlophe

Uma kukhulunywa ngendawo yaKwaZakhele esifundazweni i-Eastern Cape into efika kuqala kwabaningi isibhakela. Le ndawo idume kakhulu ngokukhiqiza izinkakha esibhakeleni ezikwaze ukubeka iNingizimu Afrika kwibalazwe lomhlaba. 

Le ndawo ayigcinanga ngokukhiqiza abashayisibhakela abanedumela njengoba nasendimeni yomculo isiyaziwa ngomzwilili uZonke Dikana owaziwa kakhulu ngoZonke. Wazalwa zili-11 kuMfumfu we-1979. Ngaphandle kokuba umculi uphinde abe ngumbhali nomdidiyeli womculo. 

Ukucula wakuqala esemncane kodwa udumo uqale ukulithola ngonyaka wezi-2011 ngesikhathi ekhipha i-albhamu yakhe ethi, “Ina Ethe” Kule albhamu ingoma eyashisa izikhotha ngeyayithi, “Feelings” eyayidlalwa kuwona wonke amakhona naseziteshini zomsakazo kuleli.

 I-Ina Ethe kwabe sekuyi-albhamu yakhe yesithathu. Yiyo le albhamu kaZonke eyakhiqiza idouble platinum okwenza waba phakathi kwabaculi abaqokwa kumncintiswano wemiklomelo iSouth African Music Awards ye-18. 

Ngonyaka wezi-2013 wakhipha enye i-albhamu esihloko sithi, “Give and Take Live ukudayiswa kwayo okwafinyelela kwigolide. 

Ukudayiswa komculo wakhe kwaholela ekutheni azibekele indawo ohlwini lwabaculi basezwenikazi i-Afrika abahamba phambili kumaChannel O. Njengabo bonke osaziwayo uZonke kukhona lapho abuye anyakaziswe khona kodwa ungumculi ogxile kakhulu emsebenzini wakhe nokuthuthukisa ithalente kubaculi abasafufusa. 

Akagcini nje ngokuba ngusaziwayo nentandokazi yomculi kuleli kodwa naphesheya kwezilwandle usezakhele igama nasemazweni aphesheya. 

See Also

Uzibonakalisile ngesikhathi ebhala ingoma ethi, “Africa, My Motherland” eyibhalela iqembu lomculo waseGerman iJazzkantine. Akagcini ngokuba umculi kodwa nakwezemfundo uyibekile induku ebandla  njengoba eneqhuzu leziqu zeHuman Resources Management azithola eNyuvesi yaseFree State. 

Uphinde abe nenhlangano engenzi nzuzo esiza umphakathi uma engaculi.  Usanda kusiza owesilisa okhubazekile owayedinga isihlalo esinamasondo, wasiza nomfundi owayedinga usizo lokukhokhela inyuvesi ukuze aqhubeke nezifundo zakhe. 

Ebhala ekhasini lakhe kuTwitter muva nje wathi, “Inhloso yethu ukuletha ukukhanya noma yikuphi lapho sihambela khona”.

Scroll To Top