Now Reading
Izikhalo ngesiphakanyiswa nenduna KwaMondi
Dark Light

Izikhalo ngesiphakanyiswa nenduna KwaMondi

Umphakathi usuqome ukudlulisela ukungeneliseki kwawo enkosini yesizwe sakwaMpungose

 

UMPHAKATHI waKwaMondi eShowe okhala ngesihluku othi uphethwe ngaso yisiphakanyiswa  uMnu uThemba Zulu nenduna uMnu uNgema usubhalele iNkosi yakwaMpungose ukuba ingenelele ukuze uyitakule esimweni obhekene naso emuva kwesikhathi eside ubika usizi lwawo kwabaphethe kodwa lungezwakali.

Le ndawo iyiMishini iphethwe iziphakanyiswa ezingaphansi kwebandla lamaLuthela kusuka ngeminyaka yakudala. Amakholwa yiwona azikhethelayo umuntu okumele aphathe isikhathi esiyiminyaka emihlanu bese eshintshwa kuphakanyiswe omunye.  Nakuba le ndawo ingaphansi kwesizwe sakwaMpungose phambilini ebesiphethwe iNkosi uLilly Mpungose kodwa kuncane ukungenelela kwabakwaMpungose kuyo njengoba isalawulwa ngokwenkolo.

Ilungu lomphakathi elikhulume nelaboHlanga lacela ukuba igama lalo ligodlwe ngenxa yokwesabela ukudingiswa endaweni lithe sebephilisa okwezinyamazane ngenxa yenduna echazwe njengoMnu uNgema ibambisene nesiphakanyiswa sasebandleni uZulu.

Emuva kokukhuluma naleli lungu libe selithumelela leli phephandaba uhide lohlu lwezikhalo zomphakathi mayelana nenduna nokungabhekelelwa kwawo ezintweni ezithinta intuthuko nenhlalakahle yawo.

Muva nje umphakathi uthi uma kukhona lapho ufuna ukucaciseleka khona ngezinto ezithinta intuthuko induna ivele iwusabise ngokuthi izobadingisa endaweni labo abenza lokho. Phakathi kohlu lwezikhalo zomphakathi kuvela ukuthi osekwenzeka muva ukubhaxabulwa kwabantu ngemvubu uma kukhona abakwenzile angahambisani nakho.

“Abantu abaqashe izitolo endaweni ufuna benze izinto ngendlela ethandwa nguye. Izingane zigcina sezithunywa ezitolo ezikude zibanjwe inkunzi nomphakathi usuyaphoqeleka ukuba uyothenga eKing Dinuzulu okuyibanga elide,” kulanda incwadi yezikhalo zomphakathi.

Umphakathi ukhala nangokuthi isihluku ophethwe ngaso induna sesidlulele ngisho nakubeFundisi asebequliswa amacala okungcwaba, ngoba kumele babike kuyo izinsuku abangcwaba ngazo. “Uyakhohlwa ukuthi manje isizwe sesihlukene kaningi, sinezinkolo ezehlukene kukhona abafihla ngamasonto ngoba bayasabatha. Lapha kwaMondi sinawo wonke amahlelo esicabanga ukuthi lokho kumele kuhlonishwe.

See Also

Okunye okukhalisa umphakathi uhlelo lwezindlu othi luhamba ngonyawo lonwabu KwaMondi ekubeni kwezinye izigodi selungene esigabeni sesithathu nesesine, kepha KwaMondi akukaze kuqale ngisho isigaba sokuqala. “Uma sibuza izinduna zethu sizakhela amazinyo abushelelezi kuzo, zilwa nathi.  Umphakathi uthi endaweni eyaziwa ngokuthi kuseTawini ayiqoqwa imfucuza ngenxa yokuthi umuntu owanikwa umsebeni wokwenza lokhu  kwabonakala esenyamalele kwathiwa kuphele isabelomali.

Elinye ilungu lomphakathi elikhulume nelaboHlanga lithe kumele engabe aboMnyango Wezokubusa Nokubambisana sebangenelela kwakhethwa omunye umuntu kule ndawo.

Uthe okubi okwenziwa amakhowa ukuthi asekhetha noma ubani ngisho nabantu abangakaze babahole abantu bese bona izinto.  Phakathi kweziphakanyiswa esezike zaphatha kule ndawo kubalwa uMnu uNdwandwe, uMnu uM. Ndlela, uMnu uB. Zulu njengoba manje isiphakanyiswa kunguMnu uThemba Zulu.

Kuthintwa uNkk uLilly Mpungose obeyiNkosi yesizwe sakwaMpungose osethathe umhlalaphansi uthe uzoxhumana neNkosi ukuzwa ukuthi ikhona yini incwadi emayelana nalolu daba esiyithoilile ngoba okwamanje yena akanalwazi. “Uma sikhona isidingo sokuba singenelele sizokwenzenjalo ngoba indawo yaKwaMondi iyabathinta ngokomlando.” Imizamo yokuxhumana nesiphakamiso uZulu iphunzile izolo.

Scroll To Top