ITunisia inyusa intengo yamanzi okuphuza
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ITunisia inyuse intengo yayo yamanzi okuphuza afinyelela kuma-16%, kusho iphephandaba elisemthethweni ngoLwesihlanu, ngenxa yesomiso esesidonse iminyaka emihlanu.
Ngemuva kweminyaka yesomiso, isilinganiso semvula sinyukile ezinyangeni ezedlule kodwa izikhulu zikaHulumeni zithe kuleli sonto amadamu aseTunisia asefinyelele kuma-35% kuphela .
Leli lizwe eliseNyakatho ne-Afrika ngonyaka odlule labeka uhlelo lwesabelo samanzi okuphuza kanye nokuvinjelwa kokusetshenziswa kwawo kwezolimo. Kusukela ehlobo eledlule, ibivala amanzi ebusuku. Intengo yamanzi izobe ingashintshile kubasebenzisi abancane.
Labo ukusetshenziswa kwabo okungaphezu kwama-40m3 ( 40cubic metres) babhekene nokukhuphuka okungaba ngama-12% kuya kodanariyo aba-1.040 baseTunisia ($0.33) nge-m3 ngayinye futhi abathengi abasebenzisa phakathi kwama-m3 angama-70 nayi-100 ngekota bazokhokha ama-13.7% ngaphezulu kodanariyo abayi-1.490 nge-m3.
Ukwenyuka okuphezulu kakhulu kuzo bhekana nalabo abasebenzisa amanzi angaphezu kwama-m3 ayi-150 nasezikhungweni zezivakashi, lapho inani lama-cubic meter ngayinye likhuphuke ngama-16% laya kodanariyo abayzi-2.310.
ITunisia yethule izitshalo zokususa usawoti emanzini ukuzama ukuvala ukuntuleka kwamadamu ezweni kanye nomthelela wokuguquka kwesimo sezulu.