Kudume inganono enhlokodolobha yaseChad
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu enhlokodolobha yase-Chad, iN’Djamena eduze kwekomkhulu leqembu eliphikisayo, kusho ofakazi beReuters ngoLwesithathu, ngemuva kokubulawa kwabantu abambalwa ezingxabanweni zangaphambilini eduze nophiko lwezokuphepha lwangaphakathi ezweni.
Lolu dlame luza phakathi nokushuba kwesimo ngaphambi kokhetho lukamengameli oluzokuba ngoNhlaba noNhlangulana olungaselubuyisele izwe elise-Afrika Emaphakathi embusweni womthethosisekelo ngemuva kweminyaka emithathu iziphathimandla zezempi zathatha izintambo zombuso.
Ikomkhulu leqembu eliphikisayo iSocialist Party Without Borders lizungezwe abezokuphepha ngemuva kokubulawa kwabantu abambalwa ngesikhathi kuqubuka impi yezokuphepha yangaphakathi eChad, kusho ufakazi.
Kodwa-ke, ukulandisa kwesigameko okuvela kuHulumeni kanye neqembu kuhlukene. Isitatimende sikaHulumeni sithi lesi sikhungo sihlaselwe ngabamele iqembu eliphikisayo, eliholwa ngumholi walo uYaya Dillo, kwashona abantu abaningi.
Uchaza ngesigameko esehlukile, uHulumeni uthe ilungu leqembu, u-Ahmed Torabi, wenze imizamo yokubulala uMengameli weNkantolo Ephakeme, uSamir Adam Annour. UTorabi waboshwa, kusho isitatimende sikahulumeni.
UNobhala Jikelele weqembu eliphikisayo utshele abeReuters ukuthi ukufa kwabantu eduze kwesikhungo sezokuphepha kwenzeke ngesikhathi amasosha evulela ngenhlamvu ebhekise ethimbeni lamalungu eqembu. Uthe uTorabi udutshulwe wabulawa ngoLwesibili isidumbu sakhe safakwa ekomkhulu lale nhlangano.
NgoLwesithathu ekuseni, amalungu eqembu kanye nezihlobo zikaTorabi bahambe bayobheka isidumbu sakhe esikhungweni futhi amasosha adubula, okuholele ekufeni kwabantu abaningi, kusho uNobhala Jikelele. Uthe akakwazanga ukufinyelela kuYaya Dillo. AbakwaReuters nabo abakwazanga ukuxhumana noDillo.
Uhulumeni uthe isimo sesilawulekile, wathi abaphehli bodweshu baboshiwe noma bayafunwa. Isikhulu sithe okwamanje lesi simo sibukeka sigxile kakhulu eqenjini eliphikisayo kodwa baqaphe ukuthi kungenzeka yini ukuthi lesi simo siveze uqhekeko embuthweni wezokuphepha.
Abaqaphi be-inthanethi abakwaNetblocks bathe enkundleni yokuxhumana u-X ukuxhumana kwe-inthanethi eChad kuphazamisekile ngoLwesithathu kulandela imibiko yokuhlaselwa kwekomkhulu le-ejensi yezokuphepha. INkantolo eNkulu yaseChad ngoZibandlela yagunyaza ivoti kumthethosisekelo omusha abagxeki abathi ungasiza ekuqiniseni amandla omholi wezombutho uMahamat Idriss Deby.
UHulumeni wakhe, uDeby, wezempi ungomunye wezombutho ezimbalwa ezibusayo njengamanje eNtshonalanga naseCentral Africa, lapho kube nokuketulwa umbuso kwesi-8 kusukela ngowezi-2020, okuqubule ukukhathazeka ngokuhlehla kwentando yeningi esifundeni.