Inhlansi yethemba ngamantombazane athunjiwe eNigeria



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amantombazane amahlanu ayephakathi kwezingane ezingama-73 ezathunjwa esikoleni esenyakatho ntshonalanga yeNigeria asetholiwe , kusho amaphoyisa aseZamfara State ngoLwesine, yize eminye imithombo inikeze imininingwane ehlukile ngemuva kwesigameko sokuthunjwa kwabantu abaningi.
Ukuhlaselwa kwangoLwesithathu esikoleni samabanga aphakeme esigodini saseKaya kube okwakamuva lapho kugaselwe khona izikole ezingasenyakatho-ntshonalanga ngamaqembu ezigebengu ezihlomile afuna imali yezihlengo. Zingaphezu kuka-1 100 izingane nentsha esezithunjiwe kusukela ngoZibandlela.
“Umkhankaso oqhubekayo wokufuna nokutakula unomphumela omuhle njengoba kutakulwe abafundi abayisihlanu besifazane abathunjiwe,” kusho isitatimende samaphoyisa aseZamfara. “Izisulu zihloliwe ngokwempilo esibhedlela, zalaywa ngamaphoyisa zaphinde zahlangana kanye nemindeni yazo,” kusho yona.
Yize kunjalo isitatimende se-UNICEF sithe kuthunjwe abafundi abalinganiselwa kwi-100 abaneminyaka ephakathi kweyi-14 nesyi-19 kanye nothisha, kanti abangama-23 bakwazile ukubaleka base bebuyela emakhaya. Ezimbili zazo bezinamanxeba enhlamvu.
Uthisha wakulesi sikole ekhuluma nezintatheli ngocingo ukuthi ngemuva kokubhekwa kwabanye abafundi abebephunyukile, kusenabangaphezu kwama-90 abalahlekile. Lo thisha uphinde wathi abafundi ababili abeqile badutshuliwe. Ukuqinisekisa imininingwane eqondile yokuthunjwa kanye nemiphumela yazo kunzima ngenxa yezindawo ezikude zezikole eziningi ezihlosiwe kanye nezinga eliphakeme lokungavikeleki ngaphesheya kwenyakatho-ntshonalanga. IZamfara iphakathi kwezifundazwe ezine ezithathe izinyathelo ezifana nokuvimbela ukuthengiswa kukaphethiloli emathinini amajeri nokuthuthwa kwezinkuni ngamaloli, ngethemba lokuphazamisa amaqembu ezigelekeqe ahamba ngezithuthuthu futhi ayokhempa emahlathini.