UMokwena usefanise uZungu noMascherano
Usefanise isilomo somdlali weMamelodi Sundowns uBongani “Ben10” Zungu nesihlabani sase-Argentina uJavier Mascherano umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena.
UZungu ukhuze ibuya kuDSTV Premiership ngesizini edlule esuka phesheya kwezilwandle.
Ufike kuSundowns wahluleka wukuthola umgqigqo wakhe aziwa ngawo ngokushesha.
Nakule sizini akazange aqale kahle. Ugeje iphenathi kowamanqamu weMTN8 waphinde wathola ikhadi elibomvu ephula uBernard Parker bebhekene neTS Galaxy FC eMbombela Stadium, eMpumalanga koweCarling Knockout Cup.
Nokho uZungu akazange abhekise ikhanda phansi. Ithimba labaqeqeshi nalo limsekile kuSundowns.
Njengamanje useqala ukubuyela ezingeni aziwa ngalo. Yingakho uMokwena esemfanisa noMascherano.
“UBongz ungikhumbuza uMascherano. Uyakhumbula ngesikhathi eqeda ukushiya iLiverpool ejoyina iBarcelona? Wafika kuBarca wadlala isisu esimile esilwa nokuhlakaza iminyakazo yezitha bese eqala iminyakazo yeqembu. UBongz uwenza kahle lowo msebenzi. Ngokwenza lokhu, umsebenzi kaTebza (Teboho Mokoena) ubalula kakhulu. Ukwazi ukusondela phambi kwamapali,” kuncoma uMokwena.
UZungu wenze into yamehlo iSundowns ititinya AmaZulu ngama-3/0 emdlalweni weligi obungoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
“Kumdlali udinga izinto eziningi. UBongz uyakunika lezo zinto eziningi. Lapha ngikhuluma ngokwekhono nokuhlakanipha. Ungumdlali weqophelo eliphezulu. Isipiliyoni sakhe ngeke usithenge ndawo. Ubuhlakani bakhe buyisimanga. Okunye ngaye uyakholelwa kimina njengomqeqeshi. Kumqoka lokho. Kwesinye isikhathi ungaqhamuka namaqhinga amahle noma namaqhinga abhedayo kodwa abadlali yibona abawenza abemahle. Noma kungathiwa mabi kangakanani. Ikhono labo liyakwazi ukuwenza amaqhinga akho angabonakali ukuthi mabi. UBongz ukufanele ukunconywa. Kwesinye isikhathi usenza sikhohlwe nguRiva (Rivaldo Coetzee),” kuqhuba uMokwena.
NgoMgqibelo, uZungu kubhekwe ukuthi abambe elikhulu iqhaza uma iSundowns isibhekene neTP Mazembe emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League.
“Ngiyaziqhenya ngoBongz. Uyazinikela, unobuntu kanti uhlakaniphile. Uwusizo eqenjini kubadlali abancane. Akadingi ibhande likakaputeni ukuze ahole iqembu. Ungumholi nje wokuzalwa. UBongz uyasebenza. Ngisabheke lukhulu kuyena. Udinga ukuqhubeka anyuse izinga. Naye uyakwazi lokho. Iqembu liyakwazi lokho.” kuphetha uMokwena.