Akawuvali umlomo ngesibabuli saseBrazil esimnene
Akawuvali umlomo ngoLucas Ribeiro umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
Lo mdlali odabuka eBrazil ushaye amagoli amathathu ngesikhathi iSundowns italabha AmaZulu ngama-3/0 emdlalweni weDStv Premiership obungoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld Stadium.
URibeiro ugcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo. Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo uMokwena uncome leli nxele elichaza njengomuntu ongenawo umona.
“Ngeneme ngendlela uRibeiro adlale ngayo. Ungichazile nangempelasonto engena esuka ebhentshini kuCaf Champions League. Umyalezo ucacile kubo bonke abadlali baphambili. Kumele uthole amagoli ukuze udlale. Ukushaya isibalo esingaka samagoli ngaphandle kukaPeter Shalulile noThemba Zwane kuthumela umyalezo wokuthi umbango wejezi eqenjini ushubile,” kuchaza uMokwena.
URibeiro ujoyine iSundowns ekuqaleni kwesizini. Njengamanje nguyena ozihola phambili ngamagoli amaningi emidlalweni yeligi.
Usebhakuzise enethini amagoli ayishumi emidlalweni eyishumi nambili.
“URiberio ungumuntu onenhliziyo enhle. Ngesikhathi sidlala eMauritania ubehlezi ebhentshini kodwa nguyena obenika ozakwabo amanzi. Ubelekelela ozakwabo abebeshiswa yilanga. Ungumuntu onenhliziyo enobunene. Uma ozakwabo benze kahle nguyena owokuqala ojabulayo. Yingakho noMdali embusisa ngale ndlela adlale ngayo namuhla (ngoLwesithathu ebusuku). Iqembu esinalo linjalo-ke,” kubeka uMokwena.
KuMTN8 wakhe amagoli amabili emidlalweni emithathu ayidlalile. Ezakhe zigcine ziguqiswe yi-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu.
“Sibusiswe ngabantu abanobuntu neqiniso. Abanye bebekhathele kanti abanye bebexinwe ngumkhuhlane kodwa bazinikela umdlalo waze wayophela. Ngiyalithanda leli qembu. Ngibusisiwe ngokucija leli qembu,” kulandisa uMokwena.