Usebheke ukuphula elakhe irekhodi umgijimi weXcel
Usagaqele elinye irekhodi uTebello Ramakongoane oqede endaweni yeshumi nambili ku-Osaka Marathon ebibanjelwe eJapan ngempelasonto.
URamakongoane uphule irekhodi likazwelonke laseLesotho enza isikhathi esingama-2:08:07 okuwukuthi amahora amabili, imizuzu eyisishiyagalombili nemzuzwana eyisikhombisa.
Lo mgijimi weXcel Running Club utshele elaboHlanga ukuthi ujabule ngokuphula irekhodi futhi usabheke ukuthi aphinde alephula emjahweni elandelayo.
“Bekushisa ngendlela eyisimanga lapha eJapan. Lokho kwenze kwanzima kodwa ngeneme ngokuphula irekhodi likazwelonke laseLesotho. Ngizimisele ngokuphinde ngilephule emijahweni elandelayo,” kuchaa uRamakongoane.
Lo mgijimi odabuka eLesotho nguyena ongumpetha weDurban International Marathon neMangosuthu Marathon.
“Ngisebenze kanzima kodwa isimo sezulu sangiphazamisa. Ukube bekungashisi ngale ndlela ngicabanga ukuthi bengizogijima amahora amabili nemizuzu emihlanu. Abagijimi abaningi bebeshesha lapha,” kubeka uRamakongoane.
Phakathi nomjaho uke wasalela emuva kwabebezihola phambili.
“Yebo ngike ngabasemuva. Sekusele amakhilomitha ayishumi bengiyibambe endaweni yamashumi amabili nanye kodwa nganyusa isivinini ngoba ngihlose ukuvala igebe phakathi kwami nabagijimi abebezihola phambili. Ukunyusa isivinini kungisizile,” kusho uRamakongoane.
Lo mgijimi weXcel Running Club uvele usezibekisele indawo kuma-Olympic Games aseParis KwelaseFrance ngonyaka ozayo.
“Bengizimisele ngokukhombisa ukuthi ngibalwa nabagijimi abahamba phambili emhlabeni. Nginebhadi lesimo sezulu. Uma isimo sezulu siziphathe kahle eParis kuma-Olympic Games ngizokwenza ezibukwayo” kuchaza uRamakongoane.