Sizozivikela ku-Ethiopia ngechweba: uMengameli waseSomalia
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseSomalia uHassan Sheikh Mohamud uthe izwe lakhe “lizozivikela” uma i-Ethiopia iqhubeka nesivumelwano sokumisa isizinda samasosha asolwandle esifundeni esahlubuka iSomaliland futhi ngokunokwenzeka ahloniphe le ndawo njengezwe elizimele.
I-Ethiopia eyizwe elingenalo ulwandle yavuma isivumelwano sokusebenzisana lu-1 kuMasingana ukuze iqashe amakhilomitha angama-20 ogwini eSomaliland, indawo iSomalia ethi isangaphansi kwayo, nakuba isifunda esisenyakatho sijabulela ukuzimela okusebenzayo kusukela ngowe-1991.
I-Ethiopia ithe ifuna ukumisa isizinda samasosha asolwandle lapho futhi yathembisa ukubuka lendawo njengezwe elizimele, nokuholele ekuphenduleni okuvuthayo okwaqhamuka eSomalia futhi kwanokusaba ukuthi isivumelwano singase siqhubekisele phambili ukungazinzi leli lizwe elaziwa ngo “phondo lwe-Afrika”.
“Uma i-Ethiopia iphikelela, iSomalia izolwa futhi izokwenqaba,” uMohamud etshela abeReuters ngoLwesibili engxoxweni ebisezindlini zikamongameli ezibiyelwe kakhulu eMogadishu.
“Uma bengena ezweni, iSomalia izokwenza konke okusemandleni ukuzivikela.”
Akazange angene ngemininingwane mayelana nokuthi iSomalia ingathatha ziphi izinyathelo. ISomalia iye yabhekana nezingxabano eziphindaphindiwe, ezagcina sezondla izinkinga zobuntu ezindaweni ezivame ukuba nesomiso.
I-Ethiopia neSomalia engomakhelwane bake babanga indawo ngowe-1977/78 futhi nangowe-1982. UMohamud uthe uzovuma kuphela ukuxoxisana noNdunankulu wase-Ethiopia u-Abiy Ahmed lapho uHulumeni wase-Addis Ababa echitha inhloso yakhe “yokuthatha ingxenye yezwe lethu”.
UMkhulumeli kaHulumeni wase-Ethiopia akazange aphendule esicelweni sokuphawula. U-Abiy phambilini uthe i-Ethiopia ayinazo izinhlelo zokuqala ukungqubuzana neSomalia futhi izama nje ukubhekana nesidingo sayo sokungena olwandle.
Ukuquva
UMohamud uthe ubengacabangi ukuxosha amasosha ase-Ethiopia acela ezi-3,000 abekwe eSomalia njengengxenye yomkhankaso wokugcina ukuthula we-African Union elwa namasosha e-al Shabaab, engaphansi kwe-al Qaeda.
Abahlaziyi kanye nosomaqhinga besaba ukuthi ukuhoxa kwamasosha ase-Ethiopia kuzophinde kuphazamise iSomalia, lapho ukuhlasela kwe-al Shabaab sekubulale izinkulungwane zezakhamuzi namasosha kusukela ngowezi-2006.
ISomalia kanye namazwe amaningana aseNtshonalanga, okuhlanganisa ne-United States, ehlala ihlasela ngezomoya ngokumelene nezihonga eSomalia, athe isivumelwano sechweba senyuse imizamo yokuqasha kwe-al Shabaab.
Amasosha ase-Ethiopia ahlasela iSomalia ngasekupheleni kowezi-2006 ukuze axoshe umbutho okwakusuka kuwo i-al Shabaab. U-Mohamud uthe izilinganiso zikaHulumeni wakhe zikhomba ukuthi i-al Shabaab iqashe amasosha amasha aphakathi kwezi-6,000 nezi-8,000 ngoMasingana kuphela. Abahlaziyi kanye namanxusa okukhulunywe nabo ngabakwaReuters bebelingabaza lelo nani, belinganisela inani labasanda kubhaliswa emakhulwini.