Ingase ingenelelwe i-UN eyeGreece neTurkey eCyprus



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
ICyprus isinxuse uMkhandlu Wezokuphepha We-United Nations ukuthi ungenelele ngokudluliselwa kwengxenye yedolobha layo elingasogwini elihlukanisiwe layiswa eTurkey.
NgoLwesibili iTurkish Republic of Northern Cyprus (TRNC), okunguhulumeni waseTurkey okulesisiqhingi, umemezele ukuthi ingxenye encane yaseVarosha izoba ngaphansi kweso layo futhi isivulelekile njengendawo yokuhlala.
Umholi waseTurkey kulesisiqhingi uMnu u-Ersin Tatar uthe abaphathi bakhe bazosusa isimo samasosha cishe ngamaphesenti ama-3.5 kuleli dolobha futhi bavumele abahlali ukuthi bafake isicelo kwikhomishini egunyazwe ukunikeza isinxephezelo noma ukubuyiselwa kwezakhiwo.
Lesi sinyathelo size ngesikhathi iTRNC igubha iminyaka engama-47 abantu baseTurkey bahlasela lesi siqhingi.
IVarosha, ebiyindawo yamasosha aseTurkey kusukela ekuhlaselweni kowezi-1974, ibukwa kabanzi njengecebo lokuxoxisana leTurkey kunoma yiziphi izingxoxo ezizayo. Ukuthuthuka kwakamuva okuphathelene nalendawo kudale ukusabela ukuthukuthele okuvela kuhulumeni waseGreece njengoba ngokuvunwa i-European Union (EU) lelilizwe yilo eninemvumo yokuhola lesisiqhingi.
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe Wezangaphandle waseCyprus uMnu uNikos Christodoulides ubeke lesi sinqumo seTurkey; “njengokwephula ngokusobala izinqumo zoMkhandlu Wezokuphepha we-UN.
Lokhu kuzoba nomthelela omubi emizameni eqhubekayo yokuqalisa izingxoxo”. UMnu uChristodoulides ukhulume lenkulumo ngemuva kokuhlangana nozakwabo waseGreece uMnu uNikos Dendias.
Uhulumeni waseTurkey awuhlehli ekutheni nanoma iziphi izingxoxo ezizoba khona ngeCyprus kumele ziqale ngokuvuma ukuthi nayo ingelinye labanikazi balesisiqhingi.
Izakhamizi ezibalelwa kwangama-17 000 zaseGreece edolobheni iVarosha zabaleka ngaphambi kokuhlasela kwamasosha aseTurkey ngoNcwaba kowezi-1974. Lengxenye yedolobha ihlale ingenalutho kusukela ngalesisikhathi.
Izinqumo ze-UN zivuna ukuthi lendawo idluliselwe ngaphansi kobuholi bayo lenhlangano njengoba ingebangwayo. Ukuphinde kubuyiselwe lendawo ngaphansi kobuholi baseTurkey kuphonsela inselelo umbono ocatshangwe kabanzi wokuthi iVarosha izoba phakathi kwezindawo okungenzeka zibuyiselwe ekulawulweni yiGreece uma kwenzeka kuba nokutholakala kokuthula eCyprus.
Imizamo yokuthula yehluleke kaningi okuze kube manje iTurkey neGreece bathi esabo lesisiqhingi. Umnu uTatar nozakwabo uMengameli waseTurkey uMnu uRecpp Tayyip Erdogan bathe kuzosebenza isivumelwano sezizwe ezimbili kuphela manje.
“Manje, okuwukuphela kwesidingo sabaseTurkey ezingxoxweni zomhlaba wukwamukelwa kwesimo sombuso ozimele. Konke ukunikezwa ngaphandle kwalokhu kuphelelwe yisikhathi”, kusho uMengameli u-Erdogan ngoLwesithathu.
UMkhandlu Wezokuphepha we-UN bekulindeleke ukuthi udingide udaba lweCyprus ngoLwesithathu ntambama emhlanganweni. Kuze kube manje, izingxoxo zokuthula zaseCyprus ezingaphumelelanga zigxile ekuhlanganiseni lesi siqhingi ngaphansi kwesambulela salenhlangano.
Ngaphansi kwemigomo yohlelo lokuhlanganiswa kwe-UN lwangowezi-2004, iVarosha ingenye yezindawo ezazizobuyela kubantu bayo ngaphansi kweso leGreece. Lolu hlelo yaluchitha njengoluchemile iTurkey okuze kube imanje iyaqhubeka nokuqinisa ikhanda uma iyalelwa ukuthi iphume iphele kulesisiqhingi.
IGreece nayo iyasenqaba isivumelwano samazwe amabili. NgoLwesithathu i-United States of America (USA) ichithe isiphakamiso sikaMengameli u-Erdogan samazwe amabili yavuna imizamo eqhubekayo yesiqhingi esihlangene esinezindawo ezimbili.
UMnu uVictoria Nuland, ongunobhala wezombusazwe e-USA uchaze wathi; “Sicabanga ukuthi inqubo eholwa yiCyprus kuphela ezungezwe ngamazwe amabili izoletha ukuthula nozinzo kulesisiqhingi”.
I-EU nayo inqabe isivumelwano sokusebenzisana kwamazwe amabili. NgoMbasa, i-UN yehluleka ukuvala ukungaboni ngaso linye mayelana nokuqala kabusha izingxoxo zokuthula zangowezi-2017.
Okucacayo kulendaba ukuthi nakuba engekho oyivunayo kodwa iTurkey ayihlehli ekutheni nayo inegunya lokuhola lesisiqhingi.