Now Reading
IBayern ikhulula uTuchel ophikwa yimiphumela
Dark Light

IBayern ikhulula uTuchel ophikwa yimiphumela

Uyaphela umshado kaThomas Tuchel neBayern Munich uma kuphela isizini.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiBayern ku-website yayo nasemakhasini alo ezinkundla zokuxhumana.

Izinto azimhambeli kahle uTuchel kule sizini. Ungene ehlazweni ephuma ekuseni kuGerman Cup.

Kuyimanje ulandela emuva kuBayer Leverkusen ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

Usedliwe imidlalo emithathu ilandelana. Ufike watitinywa yiLeverkusen ngama-3/0 ngeledlule emdlalweni weligi. Kuthe kusenjalo waqunjwa phansi yiLazio ngeli-1/0 emlenzeni wokuqala weLast 16 ye-Uefa Champions League.

Ngempelasonto iBayern iphinde yathola isibhaxu. Ithelwe othulini yiVfL Bochum ngama-3/2 emdlalweni weligi.

Namuhla lezi zinkunzi zakwelamaJalimane zikhiphe isitatimende ziqinisekisa ukuthi kuqhuma idivosi phakathi kwalo noTuchel ngoNhlangulana.

“IBayern Munich nomqeqeshi uThomas Tuchel sebethathe isinqumo sokuqeda ubudlelwano bokusebenzisana kusukela mhla zingamashumi amathathu kuNhlangulana wezi-2024. Lesi sinqumo sithathwe yizinhlangothi zombili ngokubambisana,” kuchaza isitatimende.

IBayern ilengela engozini yokuqeda isizini ngaphandle kwesicoco kule sizini.

“Lesi sinqumo (sokuhlukana noTuchel) sithathwe ngemuva kwezingxoxo ezijulile phakathi kukaTuchel nesikhulu esiphezulu uJan-Christian Dreesen,” kuqhuba isitatimende.

UTuchel ubethathe izintambo zokucija lesi sikhondlakhondla seqembu ngoNdasa ngonyaka odlule. IBayern ixoshe uJulian Nagelsmann phakathi nesizini.

See Also

“Sivumelene ukuthi sizobuqeda ubudlelwano bethu ekupheleni kwesizini. Ngokubambisana nethimba lami labaqeqeshi sizoqhubeka nokulwela impumelelo,” kubeka uTuchel.

Ngesizini edlule uTuchel unqobe isicoco seligi sekuvalwe amehlo ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi.

“Ngemuva kwezingxoxo lapho besivulela izifuba ngokweqiniso sifinyelele esinqumeni sokuthi ubudlelwano bethu sibuqeda uma sekungena inhlobo. Lokhu sikwenze ngokuvumelana,” kubeka isikhulu esiphezulu uDreesen.

IBayern kuzomele iqale uhlelo lokuthungatha umqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaTuchel ngesizini ezayo.

“Sihlose ukuthatha elinye ingxathu ngokwendlela esidlala ngayo nomunye umqeqeshi omusha kule sizini yezi-2024/24. Okwamanje iqembu liphonsela wonke umuntu eqenjini ekutheni alwele ukunqoba kuChampions League nakuBundesliga.” kusho uDreesen.

Scroll To Top