Now Reading
Zishayisana ngamakhanda izikhulu zeKaizer Chiefs ngekusasa likaKhune kuMakhosi
Dark Light

Zishayisana ngamakhanda izikhulu zeKaizer Chiefs ngekusasa likaKhune kuMakhosi

Inkontileka ka-Itumeleng Khune iyaphela uma kuphela isizini. Muva nje lesi sihlabani somdlali weZimpofana sisanda kutholakala necala lokufika ejimini sinuka amanzi amponjwana.

Safuthiswa ngemuva kwalokho sabuyiselwa ekhaya kulandela ukutholakala kwezinyembezi zikakhwini egazini. UKhune ube esebizelwa ekomidini eliqondisa izigwegwe. Ngemuva kwalokho umisiwe eqenjini isikhashana ukuze ahlumeleliswe isimilo. 

ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo ethembekile ukuthi uKhune indaba yakhe isisanganise izikhulu.

“Indaba kaKhune ishubile. Izikhulu zeqembu zihlukene phakathi. Ithimba elibhekelele ezokusayiniswa kwabadlali belicabanga ukumdedela lonozinti. Likhala ngokuthi uhola kakhulu kanti uselimala njalo. Indlela yakhe yokuziphatha muva nje nayo yenze izikhulu ezibhekelele ukusayiniswa kwabadlali zashaya amakhala ngokumgcina. Enye into ezikhala ngayo wukuthi usehanjelwe yiminyaka,” kubeka umthombo othembekile.

NgoNhlangulana, uKhune owanyuselwa eqenjini elikhulu leChiefs ngowezi-2004 uzobe ehlanganisa iminyaka engama-37 ubudala.

“Ithimba eliholwa nguJessica Motaung kwezokukhangisa aliyizwa eyokudedelwa kukaKhune. Likhala ngokuthi kubadlali abakhona uKhune nguyena okwazi ukuletha inzuzo eqenjini kungakhathalele ukuthi uyadlala noma uhlezi ebhentshini yini. Ithimba lezokukhangisa lenze nje umzekelo ngomqhudelwano wakamuva weBlack Label lapho uKhune ethole amavoti angaphezu kwesigidi. Umbuzo kaJessica nethimba lakhe wukuthi uma bemkhulula uKhune bazochaza kanjani kubalandeli nabaxhasi. Basaba ulaka lwabalandeli nangendlela abaxhasi abayibuka ngayo indlela yokuhamba kukaKhune. Bakholwa wukuthi usanamandla amakhulu,” kuqhuba lo mthombo.

UKhune usezinqobe zonke izicoco ezimqoka neChiefs eNingizimu Afrika.

See Also

“Emhlanganweni wokugcina izikhulu zeqembu zigcine zivumelene ngokuthi uKhune anikwe inkontileka yonyaka. Inkinga uKhune ngathi akayizwa eyonyaka ufuna iminyaka emibili,” kuchaza umthombo.

ISekhukhune isizakhele igama ngokusayinisa abadlali abanonhlonze okubalwa kubona oLinda Mntambo, Sibusiso Vilakazi, Thabo Rakhale, Tshegofatso Mabasa, Kamohelo Mokotjo noDaniel Cardoso.

“ISekhukhune United sicuthile. Seyiqalile ukukhuluma naye uKhune ngoba umthetho uyabavumela ukwenza njalo. Uma umdlali esesalelwe yizinyanga eziyisithupha usuke esenalo ilungelo lokungena ezingxoxweni neqembu elifuna ukumsayinisa.” kuphetha umthombo.

Scroll To Top