Now Reading
Selusizithebeni zeNhlangano Yezizwe olwamanzi eThekwini
Dark Light

Selusizithebeni zeNhlangano Yezizwe olwamanzi eThekwini

Ukhukhulelangoqo womhlangano okuzodingidwa kuwo izinkinga zokunqanyulwa kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yeTheku sekuthenjwa ukuthi yiwo ozocacisa ngezinyathelo ezizolandela ekuqhamukeni nesisombululo.

Ukubizwa kwalo mhlangano kulandela isinyathelo senhlangano yomphakathi ebizwa ngeVerulam Water Crisis ebike udaba eNhlanganweni Yezizwe kulandela uchungechunge kwemihlangano phakathi kwabahlali nomasipala obekuzanywa ngayo ukuthola isisombululo, ephethe ngokungatheli zithelo. 

UMnu uRoshan Bittleton ongumkhulumeli womphakathi uthe banqume ukubika ku-United Nations (UN) ngoba sebezame ngazo zonke izindlela ukuthola amanzi. “Kumele singakhohlwa ukuthi amanzi ayimpilo futhi kuyilungelo lawo wonke umuntu ophila ngaphansi komthunzi welanga ukuba awathole ngokungakhathalekile ukuthi ukuyiphi indawo,” kusho uBittleton. Uqhube wathi okubasukumise kakhulu ukuphela komnqamulajuqu umasipala obuzibekele wona wangeledlule ngokulungisa inkinga yamanzi.

“Asizisoli nakancane ngesinyathelo esisithathile ngoba nakhu nje umhlangano ozobanjwa eCity Hall i-United Nations izobe imelelekile kuwona,” kuchaza yena. Uveze ukuthi sekuyinyanga yesine amanzi bengenawo nomasipala akukho okusha obachazela khona uma kubizwe imihlangano ngaphandle kokubatshela ukuthi inkinga iyalungiswa. Isimo sokunqanyulwa kwamanzi eVerulam, ePhoenix, e-Ottawa, oThongathi, eHambanathi nezingxenye zeBallito sekuholele nasekuphazamisekeni kwezikole okuphoqayo ukuthi ziphume ngaphambi kwesikhathi.

See Also

UMnu uThabani Mthethwa omele iDemocratic Alliance eMkhandlwini iTheku uthe sekukaningi bephakamisa kuzo iziphathimandla ukuba izikole zingafakwa ngaphansi kohlelo lokunqanyulelwa amanzi UMthethwa ufanise ukunqanyulwa kwamanzi njengokuhlukumeza ilungelo labantu bakuleli dolobha, wabalula ukuthi ukuvalwa kwezikole kunomthelela ongemuhle nakumiphumela yesikole. NgoMsombuluko kuphinde kwaphoqa ukuba kuphunywe ngaphambi kwesikhathi esikoleni iWembley Primary ePhoenix. UMthethwa uthi ngaphandle kokuphazamiseka kokufunda, ukungabikhona kwamanzi ezikhungweni ezinjengezikoleni okuhlanganela kuzo abantu abaningi kwandisa amathuba amaningi okubhebhetheka kwezifo.

NgoMsombuluko ezikoleni zaKwaXimba eCato Ridge akuzange kufundwe ngenxa yokuthi imigwaqo engenela kule ndawo ibivaliwe umphakathi ubhikishela ukunqanyulelwa amanzi. Le ndawo ingenye kweziphambili ezisembangweni wamaqembu ezepolitiki ngenxa yesibalo esikhulu sabavoti. Ngenyanga edlule uMkhonto Wesizwe wabamba umbuthano kuyo, kwalandela i-African National Congress. Umphakathi wazidlulisa izikhalo ngenkinga yamanzi, kuze kube manje kusacwebe iziziba. Ezikhangisweni ezidlalwa emisakazweni yomphakathi eThekwini umasipala unxusa umphakathi ikakhulukazi eindaweni ezisenyakatho ukuba ubekezele ngesikhathi kusalungiswa inkinga. Isikhangiso sithi kusasa ngoLwesithathu amanzi azobe esebuyele njengokujwayelekile emphakathini.

Scroll To Top