Now Reading
Kwehla ngamphimbomunye eMaqadini kwelomhlaba
Dark Light

Kwehla ngamphimbomunye eMaqadini kwelomhlaba

NGESIKHATHI isizwe saKwaNgcolosi sikhala ezimathonsi ngokulahlekelwa yikho konke esasinakho kwakhiwa idamukazi Inanda okwenzeke eminyakeni engama-30 eyedlule, isizwe seNkosi yaseMaqadini naso esahlukumezeka sona sihleka sodwa.

Lokhu kulandela ngemuva kokuthi uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal ubathengele udedangendlale wepulazi ukubanxephezela ngokulahlekelwa ngumhlaba wabo. Lo Mnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu awugcinanga ngokubathengela ipulazi kodwa uphinde wabagixabeza ngezindlu zomxhaso ukubesula izinyembezi. Zintathu izizwe zaMakhosi ezathinteka ngokwakhiwa kwaleli damu ngowe-1983 lapha sibala isizwe saKwaNgcolosi ngaphansi kweNkosi uBhekisisa Bhengu, isizwe saseMaphephetheni ngaphansi kweNkosi uThandizwe Gwala kanye nesizwe saseMaqadini ngaphansi kweNkosi uMqoqi Ngcobo.

Emasontweni amabili edlule, iBAYEDE ibike kabanzi ngosizi olubhekene nomphakathi wesizwe saKwaNgcolosi esikhala ngokuthi iNkosi yesizwe iwenzela phansi ngokungabalweli ekutheni bathole izinxephezelo kanye nomhlaba ababethenjiswe  khona nguHulumeni wobandlululo ngokususwa edamini. Ngokwamalungu omphakathi waKwaNgcolosi athi yiwo owalahlekelwa kakhulu ngokwakhiwa kwaleli damu njengoba noHulumeni wayethembise ukubathengela amapulazi amathathu ababezohlaliswa kuwona kodwa konke lokho kwagcina kungenzekanga. Amanye alamalungu asole  iNkosi ekhona uBhekisisa Bhengu ngokuthi yiyo egcine ihlomulile ngokwakhelwa umuzi kanokusho endaweni esesilungwini ekubeni  yayingathintekanga kangako ngesikhathi kuba nomshophi wedamu.

Ngakolunye uhlangothi umphakathi waseMaqadini ubonga kakhulu utusa iNkosi yesizwe uMqoqi Ngcobo ngokubasukumela ngoba nayo beyilungisa umonakalo owenziwa yiNkosi endala uMzonjani Ngcobo okwake kwaba nezinkulumo zokuthi kahambisanga kahle emalini eyabe ikhishwe njengesinxephezelo. Ngokwamaphepha elaboHlanga elinawo, isinxephezelo esakhishwayo oyizigidi ezi-R5.6.

Ubalelwa ema-317 umndeni waseMaqadini owathinteka kwakhiwa iNanda Dam. Wonke lo mphakathi njengengxenye yokwesulwa izinyembezi unikezwe udedangendlale wepulazi abawuthengelwe nguHulumeni. Leli pulazi elinguPortion 14 of iNanda 818 Farm, ubukhulu balo bungamahektha angama- 23. Nakuba uyakhuluma lo mphakathi kwaba yisenzo sawo sokuyoqhinqa emaHhovisi akwaLand Affairs ePitoli ngoLwezi ngonyaka wezi-2016 nayilapho  wabe ufuna ukubonana ngodli noNgqongqoshe uGugile Nkwinti.

UMnu u-Obrien Gcabashe okhulumela lo mphakathi  ongabasuswa ubikele iBAYEDE ukuthi bajabule kakhulu ukuthi ngemuva kweminyaka begqigqa eminyangweni eyahlukene belelwa amalungelo abo ekugcineni uHulumeni ugcine ekuzwile ukukhala kwabo njengoba egcine esebasulile izinyembezi. “Siyajabula ukuthi uHulumeni wethu usesithengele udedangendlale wepulazi waphinde wasigxibeza ngezindlu zomxhaso. Mfowethu siyajabula ukuthi uHulumeni wethu ugcine  esesulile izinyembezi kodwa ngemuva kweminyaka silwa sifuna izinxephezelo zethu esasethenjiswe zona ngesikhathi sisuswa ngesihluku endaweni yethu nguHulumeni wobandlululo. Phela lo mzabalazo wokufuna izinxephezelo sawuqala ngowe-1996. Lo mzabalazo wawusaholwa ngabazali bami kodwa abangasekho emhlabeni,” kusho uGcabashe.

UGcabashe uthi okumphatha kabuhungu ukuthi iningi labazali babo ababengabagilwa bokususwa eNanda Dam abasekho emhlabeni  ukuzibonela izithelo zomzabalazo wabo. Nokho bakhona abasaphila elaboHlanga elikhulume nabo. Abanye abasaphila ngogogo uGertrude Gabela oneminyaka engama-90 ubudala kanye nogogo uMaggie Myeza oneminyaka engama-80 ubudala bobabili abahlomule ngezindlu zomxhaso bebemamatheka kuze kuvele elomhlathi yinjabulo.

“Yenze umsebenzi omkhulu le ngane yakwaGcabashe ngokusilwela thina esasuswa eDamini. Empeleni iningi lethu bese sililahlile ithemba sizitshela ukuthi sesiyoze  nathi sizihambele emhlabeni  njengabanye izinhliziyo zethu ziqaqamba ngokulahlekelwa yikho konke esasinakho ngesikhathi sisuswa endaweni okwakhiwe kuyo idamu,” kusho uGogo uGabela. Ugogo uGabela uqhuba uthi: “Ngisho uMdali usengangithatha namhlanje anginankinga ngoba sengiwubonile umuzi wami wesinxephezelo. Phela mzukulu nezinsuku zokuphila sezinginciphele kodwa sengiyohamba nenhliziyo ethokozile ngoba ngigcine ngiwubonile umuzi wami engiwakhelwe nguHulumeni. Hhawu ngane kaGcabashe iNkosi ikubusise ngakho konke osenzele khona thina zimpabanga ezingabasuswa. Le ngane kaGcabashe ilwe ngisho impilo yayo isibekeke engcupheni kodwa yaphikelela ngokusilwela.”

See Also

Echaza indlela abaphuma ngayo ugogo uGabela  uthe  walahlekelwa ngumuzi nemfuyo ngesikhathi esuswa ngenkani endaweni yakhe. “Ngathi ngisahlezi kwafika umlungu wangitshela ukuthi kanti asizwa yini ukuthi kumele kuthi kushaya elakusasa sibe sesingasekho lapha ngale kwalokho bazongena umuzi wethu ngogandaganda bawuthele phansi nathi siphakathi. Saphoqeleka mzukulu ukuba siqoqe lokho okwakusaqoqeka sahamba sazobhaca lapha esihlala khona. Ngenxa yokuthi nemali sasingenayo  yokwakha saphoqeleka ukugxumeka indlwana yeqhugwane esasimbondelene kuyo nezingane futhi siphekela  kuyo,” kuqhuba ugogo uGabela.

Ugogo uMyeza naye uhambe emagameni kagogo uGabela ethi abazi bayombonga ngani uGcabashe ngabenzele khona. “Bheka nje namhlanje senginomuzi omuhle othi mina ngenxa yezithukuthuku zale ngane yakwaGcabashe ebilwa ingapheli mandla. Bengizitshela ukuthi leliphupho liyokwenzeka sesingasekho emhlabeni,” kusho ugogo uMyeza. IBAYEDE  inekhophi yencwadi ebhalwe nguMnu uMdu Shabane owayenguMqondisi  Jikelele kwaRural Development and Land Reform.

Le ncwadi kaMnu uShabane esayindwe umhla zili-14 kuLwezi wezi-2016 iqinisekisa umhlangano owabaphakathi kukaNgqongqoshe uGugile Nkwinti kanye nethimba elaliholwa nguGcabashe elalizobonana naye ukuzobhunga ngodaba lwemali yesinxephezelo sabo. Ingxenye yale ncwadi ifundeka kanje: “Siyakuqinisekisa ukuthi uMeluleki Womnyango uMnu uMasiphula Mbongwa, uNks uRamadimetsa Velaphe abavela eMnyangweni, noMnu uSithembiso Khumalo oseHhovisini loMqondisi Jikelele bahlanganile noMnu uGcabashe, uMnu uMbiko Gcwensa noNks uGloria Gcwensa baseNanda KwaZulu-Natal. Leli thimba laKwaZulu-Natal lalizobonana noNgqongqoshe uNkwinti ngodaba lokwedluliselwa komhlaba oyisinxephezelo esizweni samaMaqadi.”

Le ncwadi  iqhuba ithi: “Kuvunyelwene emhlanganweni ukuthi emasontweni amabili ezayo, uNks uZama Molefe oseHhovisi laKwaDepartment of Rural Development and Land Reform  eMgungundlovu  lizolungisa izethulo elizozenza kuNgqongqoshe  ngokomgudu womqondisi jikelele ngalolu daba. Inhloso ngalezi zethulo ukunikeza uNgqongqoshe izindlela zesixazululo ngalolu daba ukuze kufikwe esiphethweni ngokwedluliselwa kwalo mhlaba esizweni saMaqadi kanye nenkokhelo yesinxephezelo semali ekweletwa isizwe saMaqadi,” kuphetha incwadi. Le mali okukhulunywa ngayo yileyo eyizigidi ezi-R5.6 okuthiwa yanikwa  iNkosi eseyakhothama uMzonjani Ngcobo.

Scroll To Top