Now Reading
Iphuzu ababuye nalo ePitoli koweligi liyamxolisa umqeqshi wePirates
Dark Light

Iphuzu ababuye nalo ePitoli koweligi liyamxolisa umqeqshi wePirates

Akakhali ngephuzu elibuye ne-Orlando Pirates umqeqeshi weZimnyama uJose Riveiro ezakhe ezibambane neMamelodi Sundowns ngeli-1/1 emdlalweni weDSTV Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

UThapelo Xoki nguyena ovalele enethini igoli leZimnyama lokulinganisa kulo mdlalo. EleSundowns libhanjiswe ezintanjeni nguMarcelo Allende.

La maqembu amabili agcine ezacelene amaphuzu kulo mdlalo.

“Umdlalo ubudlalwa ngesivinini esiphezulu. Sonke siyazi ukuthi sibuya ekhefini lamasonto amahlanu. Womabili amaqembu akhombise intshisekelo zisuka. Ngesiwombe sokuqala siqale kahle kakhulu. Yebo, bekulindelekile ukuthi kubeneziwombe zokungabaza ngoba besiqala ukudlala ngemuva kwesikhathi side. Besingaphezu kweSundowns ngesiwombe sokuqala. Ngeshwa iSundowns ayizange isivumele ukuthi sithole igoli,” kubeka uRiveiro.

IPirates ihlezi endaweni yesihlanu ku-log ngamaphuzu angamashumi amabili ngemuva kwemidlalo eyishumi nesikhombisa.

“Ngesiwombe sesibili sibenebhadi lokudlala isiwombe sesibili ngabadlali abangaphelele. Lokhu kusiphoqe ukuthi sishintshe indlela esidlala ngayo. Siphoqeleke ukuthi sivale emuva. Angeke ukwazi ukuthi ungaxina iSundowns udlala ngeqembu elingaphelele. Sigcine sesizama ukuhlasela sakuzumisa. Uma nje ngiwugoqa umdlalo ngingasho ukuthi iphuzu liwafanele womabili amaqembu. Angikhali ngalo. Besinethuba elingcono lokunqoba kodwa ngebhadi kugcine kungenzekanga. Besize lapha sihlose ukuzothatha amaphuzu amathathu kodwa sabuya nelilodwa.  Ngakho angeke ngithi ngijabule,” kuqhuba uRiveiro.

See Also

UMiguel Timm uthole ikhadi elibomvu ngesiwombe sesibili okwenze eZimnyama zaqeda umdlalo zingasaphelele.

“Besikulindele ukuqeda umdlalo ngabadlali abangaphelele. Bheka izibalo nemidlalo yeSundowns uzobona. Besikulindele ukuqeda nabadlali abangaphelele. Yingakho singazange sithuke uma ngempela sesidlala singaphelele ngesiwombe sesibili. Yinto ebesiyilindele futhi yenzekile.” kuphetha uRiveiro.

Scroll To Top