Now Reading
Ebholeni udinga amaqembu amathathu aseqophelweni eliphezulu: uRhulani
Dark Light

Ebholeni udinga amaqembu amathathu aseqophelweni eliphezulu: uRhulani

Ucikwe yizinga eliphansi elikhonjiswe ngabadlali bakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ezakhe zibanjwa yi-Orlando Pirates ngo-1/1 ngempelasonto emdlalweni weDSTV Premiership obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

UMarcelo Allende ubeke iBrazilians phambili ngesiwombe sesibili kwathi uThapelo Xoki wanamathelisa enethini eleZimnyama lokulinganisa kulo mdlalo obuthanyelwe yizinkumbi zabalandeli.

Umdlalo ugcine uphele kungekho efuna ukugoba uphondo. Ngemuva komdlalo uMokwena usale edumele. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi exoxa nabezindaba.

“Angithandi ukugxila kakhulu emizuzwini engu-90. Ebholeni udinga amaqembu amathathu aseqophelweni eliphezulu (amaqembu amabili asuke ebanga amaphuzu bese kuba yithimba lonompempe). Wonke la maqembu izinga lawo beliphansi. Elinye lawo kube yiqembu lami. Uma iqembu lami lisuke lishaye udaka ngiba ngowokuqala ukuphakamisa isandla ngimelane nokugxekwa. Lona bekungesiwona umdlalo webhola ohehayo,” kubalisa uMokwena.

ISundowns isahlezi esicongweni. Ivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye. Ivele isasele emuva ngemidlalo emibili kuCape Town City eyibambe endaweni yesibili.

See Also

“Umdlalo ube neziwombe eziningi ezingathinti umdlalo webhola ebeziphazamisa umdlalo. Bekuntaza izindololwane emoyeni. Onompempe nabo bahlulekile wukuphatha umdlalo ngendlela efanele. Angikhulumi ngompempe futhi angizimisele ukugxila kakhulu kubona. Umdlalo engiwubukile akuwona umdlalo webhola engiwuthandayo okwangempela, kuchaza,” uMokwena.

IBrazilians ayikazile ishaywe kule sizini. Isinqobe imidlalo eyishumi nanye yadlala ngokulingana imidlalo emithathu.

Scroll To Top