Ibe luvindi imiphumela yamaqembu aseKZN kule mpelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kube impelasonto engeyinhle kwezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal, njengoba amaqembu amaningi ephikwe imiphumela.
NgoMgqibelo iRichards Bay FC ebitholene phezulu neSekhukhune United, ibuye ekuhambeni ilambatha njengoba ihlulwe ngamagoli amathathu kwelilodwa koweDStv Premiership.
AmaZulu FC nawo athole induku efanayo kuCape Town Spurs, ebinqoba okwesibili kule sizini. Nawo abedlala ekuhambeni.
Iqembu lombhoxo iSharks ithole induku kuStormers emdlalweni obubanjelwe eKings Park Stadium, eThekwini. ISharks ihlulwe ngamaphuzu angama-25 kwangama-21, lo mdlalo bekungowe-Union Rugby Championship.
Amaqembu amabili adlala kuMotsepe Foundation Championship iMaritzburg United neMilford FC, abetholene phezulu kwangekho elifuna ukugoba uphondo umdlalo waphela zibambene ngeqanda.
Izolo ngeSonto amathemba esifundazweni iKwaZulu-Natal abelele kuRoyal AM neLamontville Golden Arrows.
IRoyal AM ebibhekene neKaizer Chiefs iphume iphethe iphuzu elilodwa njengoba lo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium uphele zibambene ngeqanda.
ILamontville Golden Arrows yona ebivakashele iTS Galaxy ibuye ishwiba izandla njengoba beyithele phansi ngamagoli amathathu kwelilodwa.
KuDStv Diski Challenge (DDC) nakhona kube esifanayo i-Arrows ihlulwe yi-Orlando Pirates ngegoli elilodwa eqandeni, iRoyal AM idlale ngokulingana neChiefs, iRichards Bay FC ihlulwe iCape Town City ngamagoli amabili kwelilodwa.
Kuze kwaba AmaZulu FC kuphela athola amaphuzu amathathu njengoba ehlule iChippa United ngamagoli amathathu eqandeni.