Now Reading
Usephenduke inyama emaqenjini agijima kuMotsepe Foundation Champions owaduma kwiChiefs
Dark Light

Usephenduke inyama emaqenjini agijima kuMotsepe Foundation Champions owaduma kwiChiefs

ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo ethembekile ukuthi uBartlett osanda kuchithwa yiCape Town Spurs ufunwa ngamaqembu agijima kuMotsepe Foundation.

Ngeledlule ibhantshi ligcwale umoya kuBartlett obecija iSpurs. Nguyena onyuse leli qembu ngemuva kweminyaka lizabalazela ukunyukela esigabeni esiphezulu.

Unqobe ama-Play-Offs ebhincisela nxanye noMaritzburg United neCasric Stars yakwaNdebele, eMpumalanga.

“UBartlett ufunwa yinqwaba yamaqembu adlala kuMotsepe Foundation Championship. Phakathi kwamaqembu aseke athinta imenenja yakhe kukhona iBlack Leopards, Venda Football Academy neCasric Stars. IVenda neCasric yiwona amaqembu amabili ahamba phambili njengamanje,” kubeka umthombo.

Ngeledlule iVenda Football Academy ihlukane noJoel Masutha ngemuva kokuthi efake incwadi yokwesula kulandela ukulotsholwa yiTeam of Choice ngo 5-1 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

“IVenda iqale ukuxoxa noBartlett ngasekupheleni kweviki eledlule. Into esidingidwa manje yindaba yemali ngoba usihlalo weqembu uVho Muzhelele uyazifela ngoBartlett,” kuqhuba umthombo.

UBartlett unomlando wokukhuphula amaqembu. Ngowezi -2014/15, wanyusa iLamontville Golden Arrows eyisusa kuNational First Division (NFD) wayifaka kuDSTV Premiership. Ukuphindile lokho ngesizini edlule enyusa iSpurs.

“ICasric ixhumane nemenenja kaBartlett ngoLwesithathu ekuseni. Ngemuva kwalokho uBucs Mthombeni, uBartlett noMinenhle Mkhize ophethe izindaba zikaBartlett babe sebehlala phansi baxoxa. UMthombeni ukubeke kwacaca ukuthi uBartlett umfuna eqenjini lakhe. Imenenja kaBartlett ibe isimthumelela izimfuno zomqeqeshi. Konke sekulele kuMthombeni. Nokho noMuzhelele ngeke avume ukuhlulwa kalula kulo mbango,” kuchaza umthombo.

See Also

U-Ashwin Sutton obepheka iCasric naye ushiyile esikhundleni sakhe. Kuthintwa uMkhize ngodaba lukaBartlett akafunanga ukuphumela obala.

“UBartlett ngumqeqeshi weqophelo eliphezulu. Amagalelo akhe ebholeni ayazikhulumela njengomdlali kanjalo njengomqeqeshi. Ungumnqobi wokuzalwa. Ngakho noma yiliphi iqembu lingathanda ukusebenza naye. Lo mqeqeshi ungumuntu kaNkulunkulu futhi usebenza ngokweqiniso. Yebo, maningi amaqembu asesithintile. Amanye adlala kuDSTV Premiership, amanye awangaphandle kwaseNingizimu Afrika kanti amanye adlala kuNFD. Siyaxoxa nawo. Maduze uBartlett uzobe eseqashiwe. Okwamanje ngeke siwadalula amaqembu ngamagama ngoba lokho kungaphazamisa izingxoxo,” kulandisa uMkhize.

Elinye iqembu elingenaye umqeqeshi yiMilford FC. UBartlett ubesifakile isicelo somsebenzi nakhona kodwa kuvela ukuthi leli qembu lisathuli.

Scroll To Top