Amaphoyisa athungatha ‘inkinsela’ yaseBabanango
KUBONAKALA kunezithelo ezinhle ukungenelela kwephephandaba IBAYEDE, odabeni lomdonsiswano womhlaba phakathi kweMcakwini Community Trust nomphakathi waseBabanango ngaphandle kwaseMelmoth KwaZulu-Natal
Lokhu kulandela ukusukuma kwamaphoyisa ethungatha uMnu u-Eric Buthelezi owayevulelwe ngonyaka odlule icala lokweba nokukhwabanisa izigidi zemali nempahla yomphakathi okubalwa amapulazi,amahlathi nezinkomo ezingama-500 nokuvela ukuthi zazithengwe nguHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal.
Ngesonto eledlule iBAYEDE, odabeni “Amaqhude ayeqana eBabanango ngomdonsiswano womhlaba” ibike kabanzi ngesililo somphakathi waseMcakwini okhala ngokuhudula izinyawo kwamaphoyisa endawo ekuphenyeni nasekubopheni uMnu uButhelezi osolwa ngokuhlangana nezikhulu ezithile zoMnyango WezemiHlaba eMgungundlovu ekwenzeni umgunyathi ngobunini bepulazi iWeltervreden. Leli pulazi laliyingxenye yohlelo lukahulumeni lokubuyiselwa imihlaba kwemiphakathi eyasuswa ngezikhathi zombuso wobandlululo.
Ngaphandle nje kwaleli pulazi, ngokubhalwe phansi angama-52 amapulazi angaphansi kweTrust kaMnu uButhelezi. Ebuzwa ngamapulazi ngeledlule uButhelezi uphendule wathi: “Angisona isigebengu. Okokuqala ngakhethwa ngokusemthethweni ukuba ngusihlalo futhi ngiwokuzalwa eBabanango. Abafafaza la manga yizimfamona ngoba iTrust yethu isinamapulazi angaphezulu kwangama-20 KwaZulu-Natal esiwanikwe ngokusemthethweni nguMnyango wezemiHlaba.”
Ekulandeleni lolu daba, iBAYEDE ithole ukuthi leli pulazi licebe ngamahlathi, izinkomo, iziqiwu, amalahle nokukhiqiza ukudla. Ophenyweni kubuye kwavela ukuthi uButhelezi akagcinanga ngokudla umhlaba kepha ushaqe izinkomo nezinyamazane wakushushumbisela epulazini lomlimi omhlophe esiFundazweni saseMpumalanga, uMnu u-Eugene Pretorious. Kuthiwa ogandaganda bokulima bona wabafaka endalini. Khona lapho kube sekunyamalala imali eyizigidi ezingu-1.9 eyayinikelwe wuphiko lukahulumeni olubhekelele intuthuko iNational Development Agency (NDA). Kuthiwa lesi samba semali sasikhishwe ngenhloso yokuxhasa iTrust yomphakathi ukuba ikwazi ukuqhuba uhlelo lokuthengwa kwemishini yokukhiqiza amalahle.
Ngokusho kukaMnu uRoelof De Wet oyimeneja yeTrust aphinde abe ngumzingeli wezinyamazane uthi wayalelwa nguButhelezi ukuba athenge kuphela umshini owodwa wokukhiqiza amalahle ngenhloso yokuzibhubhudlela ingxenye enkulu yemali eyayizosala.
“Lokhu kuholele ekufadalaleni kwalolu hlelo lokukhiqiza amalahle okwakuyibhizinisi elalizozuzisa lomphakathi ohlwempu. Kwamina useyangibalekela akasafuni ukungikhokhela imali yami engiyisebenzile. Ungikweleta imali eyizi-R100 000,’’ kusho uMnu uDe Wet.
UMnu uDe Wet ugxeka nomnyango wakwaNDA ngokungalandeleli ukuthi lemali abayikhokhile ngabe izenzile yini izidingo ebabeyikhiphele zona.
Intatheli ixoxa nomthombo olwazi lonke udaba nongathandanga kudalulwe igama lawo ngenxa yezizathu zokuphepha , ukuqinisekisile ukuthi uButhelezi ingxenye yemali yakwaNDA wazithengela ngayo izimoto ezintathu zikanokusho.
“Kuncane lokhu enanikubhale ngeledlule. Ngemali le ayithola uButhelezi wazakhela isithabathaba somuzi, waphinde wagixabeza abasekhweni lakhe ngempahla yenani eliphakeme okubalwa kuyo nezinkomo zomphakathi. Ngikhuluma nje enye yalezi zimoto zikanokusho isizalela izinkukhu emzini wakhe,’’ kusho umthombo.
Lo mthombo uphinde wadalula nokuthi uButhelezi wathatha abanye ogandaganda bomphakathi wabapha umngani wakhe weBhunu uMnu Gordon Portgieter oqashwe ngumnyango ukuba azoqeqesha umphakathi ngokuphathwa kwamapulazi.
‘Kwasayena uPotgieter odabuka e-Escourt wayelethwe nguButhelezi abadla naye izimali zomphakathi njengoba bezihlahlela amahlathi omphakathi umathanda,’’ kusho uMnu uDe Wet.
UMnu uDe Wet uphinde wadalula nokuthi uMnu uButhelezi uhlangene nabelungu bamabhusha eThekwini abantshontsha izinkomo zomphakathi. “Sengibabambe iziqutshana eziningi. Ngababamba oqotsheni nginoMnu uLukas wakwaWildLife behlinza izinkomo zabantu. Sababopha sabayisa emaphoyiseni kodwa kwafika uButhelezi wathi asibayeke abangani bakhe. Waphinda futhi waxoxisana namaphoyisa badedelwa, necala lanyathelwa,’’ kusho uMnu uDe Wet.
UMnu uDe Wet uqhuba uthi ngenxa yokuthi waqhubeka nokubabopha ugcine uButhelezi esemephuce ilayisense yokuzingela waphinde wamxosha epulazini.
“Ngangikhona futhi ngowezi-2010, uButhelezi benoPotgieter bethutha izinkomo zasepulazini lomphakathi beziyisa esiFundazweni saseMpumalanga. Ngathi ngimbuza uMnu uButhelezi ukuthi uzisaphi izinkomo zomphakathi wathi uyozigcina eMpumalanga ngoba izinkomo zakhe ziyantshontshwa,’’ kuqhuba uMnu uDe Wet.
UMnu uWellington Zungu ongusihlalo wekomiti lomphakathi uthi kuthe ngonyaka odlule beyovulela uMnu uButhelezi icala lokuntshontsha izinkomo zabo afike enqaba amaphoyisa ukulivula: “Size sasizwa nguNkk uP. P. Xaba oyilungu lephalamende owashayela umphathi wamaphoyisa ucingo ebuza ukuthi kungani benqaba ukusivulela icala. Selokhu salivula icala alikaze liphenywe, kodwa namhlanje, ngoba sekungenelele IBAYEDE, sibizwe ngumphenyi uWarrant Officer Ntuli. Ufike wasibikela ukuthi sebemfuna uthuli uButhelezi. Uze wasikhombisa nedokodo asebelivulile, kodwa ukhale ngokuthi akasatholakali nasocingweni,’’ kuqhuba uMnu uZungu.
Nezikhulu ziyalwazi udaba
IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi nezikhulu eziphezulu zoMnyango ziyazi ngalolu daba. Lokhu kushiya imibuzo yokuthi belungeluswa ngani loludaba ukuze lufike esiphethweni salo. Leli phephandaba linayo ikhophi yomyalezo owabhalwa nguNkk uNomfundo Gobodo oyiNational Land Claims Commissioner ngomhla ziyi-15 kuMandulo 2014 nokuyilapho ayenxusa khona izikhulu zoMnyango WezeMihlaba eMgungundlovu okubalwa kuzo no-Advocate Bheki Mbili oyiKZN Land Claims Commissioner noMnu uWalter Silaule ukuba belekelele ngokushesha umphakathi waseMcakwini ukuba kuyolandwa izinkomo zawo ezifihlwe eMpumalanga.
“Lezi zikhulu zomnyango eMgungundlovu zavele zawushaya indiva umyalelo kaNkk uGobodo. Size sabhalela nehhovisi loMvikeli woMphakathi ukuba aselekelele ngoba sesithole ukuthi ziyaphela izinkomo zethu ziyadayiswa, njengoba sekusele ezingama-59 kuphela,’’ kusho uMnu Zungu.
UMnu uPretorius uvumile ukuthi zikhona izinkomo zaseMcakwini ezibekwe kuye kodwa wala waphetha ukuphawula ngokuthi zafika kanjani kuyena. Uphinde wabuzwa ukuthi ngabe uyazi yini ukuthi ugcine icala epulazini lakhe! Esikhundleni sokuphendula uvele wavala ucingo lwakhe.
“Siyile ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sithi siyozilanda izinkomo kodwa savinjelwa ngamaphoyisa aseMpumalanga ukuthola imvume yokuzithutha. Amaphoyisa abeke isizathu sokuthi uMnu uButhelezi ubayalele ukuthi bangasinikezi imvume ngoba izinkomo zingezakhe. Manje sikhathazekile ngoba sesihoshe umoya wokuthi uMnu uPretorious uhlela ukubalekela ezweni laseZambia,’’ kuphetha uMnu uZungu.