Now Reading
Ubuqhwaga be-USA ne-EU busekhona eZimbabwe
Dark Light

Ubuqhwaga be-USA ne-EU busekhona eZimbabwe

I-United States of America (USA) iphinde yakhombisa ubuqhwaga ngokuthi ikhiphe isitatimende ngesonto eledlule ngesinqumo sokuqhubeka nokunswinya iZimbabwe.

Kwisitatimende esikhishiwe, uMengameli wase-uBiden ubeke wathi: Izenzo kanye nemigomo yamalungu athile kahulumeni waseZimbabwe kanye nabanye abantu abukela phansi inqubo yedemokhrasi yaseZimbabwe noma izikhungo ziyaqhubeka nokubeka engcupheni ngendlela eyisimanga futhi engavamile imigomo yezangaphandle ye-United States.

Lesinqumo sibe ezithendeni zesinqumo esithathwe yi-European Union (EU) nayo ethe izoqhubeka nonswinyo kwelase Zimbabwe. Lezinqumo kumele zithathwe njengezikhombisa ubuqhwaga – ikakhulukazi kwi-USA – ngenxa yezizathu ezahlukene.

Esokuqala, mhlazane i-USA imeme oMengameli base-Afrika nyakenye, eyonswinyo lwaseZimbabwe yakhonondelwa kakhulu ngabanye babaholi nabaphakamisa baphinde bayinxenxa kakhulu i-USA ukuthi isihoxise lesinqumo. Leziphakamiso zaqhamuka emveni kokuthi kulomhlangano, iZimbabwe yayimelwe uNgqongqoshe Wezangaphandle uMnu uFrederick Shava, ngenxa yokuthi yize lelizwe lalimenyiwe kodwa uMngangagwa njengoMengameli akakwazanga ukuya ngenxa yokuthi igunya lokungena e-USA akanalo.  Lesinqumo sakamuva sikhombisa ngokusobala ukuthi i-USA ayisishayanga ndiva isiphakamiso samazwe ase-Afrika okuyizwekazi uhulumeni kaBiden ayethembisa ukuvuselela ubudlelwane obonohlonze nalo.

Esesibili ngesokuthi lelizwe kanye ne-EU bayehluleka noma abasiboni isidingo sokuxoxisana  kabanzi namazwe asuke ethinteka ngalezinqumo ukuze kuvule amathuba okuthi kuchazelwane ngokwenzekayo. Lokhu kube sekudala indida ngengqikithi kanye nenhloso yokuqhubeka nezinqumo ezifana nalezi.

Isibonelo salendida ukuthi, ngowe-2022 i-EU yathatha isinqumo sokuhoxisa izinhlelo ezazinswinya uNksz uGrace Mugabe owayeshade noMengameli ongasekho uDkt uRobert Mugabe, yaphinde yahoxisa nakwiSekela Mengameli uChiwenga noMkhuzi wezempi uJenene uValerio Sibanda ngawo lowonyaka.

Ithatha lesinqumo ayichazanga okuningi ngaphandle kokuthi igcizelele eyokuqhubeka nonswinyo kwabanye abaholi kanye nezinhlaka ezithize zikahulumeni ezifana nezokuphepha nokuvikela izwe.

Amazwe afana ne-USA nezinhlangano ezinjenge-EU bavame ukuthi uhlobo lonswinyo olukhona eZimbabwe alubhekisiwe kuwona wonke umuntu, noma ezweni lonke kepha luqondene nabathile, ngakho ke akulona iqiniso ukuthi lunomthelela kwezezimboni, umnotho, kanye nokuhwebelana kweZimbabwe namanye amazwe.

Lombono walelizwe nale nhlangano wuhubhu lukabhejane ngoba luyanda ucwaningo olukhombisa ukuthi lolu nswinyo, noma bethi lubhekiswe kwabathile lunomthelela. Isibonelo ngesamabhange ehlukene akwamanye amazwe asanquma ukungasebenzelani nawaseZimbabwe ngenxa yemibandela nemigomo eminingi okumele ayilandele ebekwe yi-US Office of Foreign Assets Control (OFAC), okuwuhlaka lukahulumeni wase-USA olubheleka ukwephulwa kwesinqumo sonswinyo. Inhlawulo okuthiwa ikhishwa yileli Hhovisi uma kunenkampani yase-USA noma yakwelinye izwe kodwa enobudlelwane ngakwezohwebo e-USA, imba eqolo impela, yikho izinkampani eziningi zikhetha ukungazifaki.

Kuphinde kuvele nokuthi abatshali imali nezimboni ezizinze emazweni aseNyakatho nokubalwa yona i-USA akhetha ukungahwebelani nezimboni zaseZimbabwe ngenxa yobunzima bokubona nokuba nesiqiniseko sokuthi angeke azithole sekuthiwa ziphule izingqinamba ezimisiwe zonswiyo. Ngaleyo ndlela akulula ukuthi i-USA kanye ne-EU bathi lolu nswinyo asebeqoke ukuqhubeka nalo alinamthelela ebunzimeni iZimbabwe ebhekene nabo ngakwezomnotho nezentuthuko ezweni.

See Also

Kuzozonke izizathu ezikhona ezidala ukuthi lolu nswinyo lukhombise ubuqhwanga, asikho esedlula iziphakamiso eseza no uNksz u-Alena Douhan nohola umnyango obizwa nge-United Nations Special Rapporteur on Unilateral Coercive Measures. Lolu hlaka lwasungulwa yi-UN ukubhekana nezinhlelo zonswinyo ezimiswa amazwe ahlukene. UDouhan wahambela eZimbabwe kuMfumfu ngowe-2021, nalapho aphothula lolu hambo ngokukhipha umbiko owathi: unswinyo lwamazwe ehlukene kanye nokuthobela ngokweqile imigomo emisiwe ngobunkimbinkimbi bayo kwandisa izinselelo ebezivele zikhona kwezenhlalo nezomnotho okunemiphumela ebucayi kubantu baseZimbabwe, ikakhulukazi labo abaphila ngobumpofu, abesifazane, izingane, asebekhulile, abaphila nokukhubazeka nabanye.

Waqhuba wathi: “Lesi simo siphinde sinciphise amandla eZimbabwe okuqinisekisa ukusebenza kwezikhungo zikahulumeni, ukulethwa kwezinsiza, nokugcinwa kwengqalasizinda ebalulekile, futhi kubukela phansi ilungelo lokuthuthukiswa kwabantu baseZimbabwe futhi kukhinyabeza ukufezwa kwezinjongo zentuthuko. Wase eyiphetha ngesiphakamiso esathi: i-US kanye namanye amazwe kufanele asuse unswinyo lwawo. “Sesifikile isikhathi sokuthi amazwe afake unswinyo kanye nabobonke abaphathekayo kuzwelonke bazibandakanye engxoxweni ehlelekile mayelana nezinguquko zezombusazwe, amalungelo abantu kanye nomthetho, futhi behlukane nezinkulumo-ze mayelana nonswinyo”.

Lemibono ngomthelela wonswinyo eZimbabwe kanye nesiphakamiso awuzanga ngohlaka olungelutho kumazwe omhlaba, kepha luqhamuka ngqo komele iNhlangano yamazwe omhlaba. Kepha, ngenxa yokuthi luneziqhwaga zisaqhubeka nokuthathwa izinqumo eziphambene nezifiso zalabo abaqokwe amazwe omhlaba ukwakha ubulungiswa emhlabeni jikelele.


UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Scroll To Top